EzosaziwayoIzindaba

“Konke Okwenzeka Kimi Kuyizimanga ZikaNkulunkulu” – Makhadzi

Kuphithizele kwaseleka indawo esikhulumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngesikhathi izinkumbi zabantu zizokwamukela lo mculi waseLimpopo ngoLwesithathu ekuseni.

Isithombe: UMakhadzi ejatshulelwa umndeni nabalandeli bakhe e-OR Tambo International Airport

UMakhadzi unqobe indondo emkhakheni we-Viewer’s Choice: Best New International Act emcimbini obuse-Los Angeles ngeSonto.

Ufike esikhulumulweni sezindiza efake ihembe emhlophe elikhangayo nebhulukwe le-jean ebukeka ethokozile, ephethe nendondo yakhe. Abalandeli nomndeni wakhe bamamukele ngenhlokomo becula abanye bekikiza kanye abanye bekuzwakala bememeza bethi “Makhadzi, Makhadzi”.

UMakhadzi uzwakalise injabulo ngokunqoba kwakhe le ndondo wathi ukusebenza kwakhe kanzima sekuthele umvuzo.

“Kungifanele lokhu, ngikusebenzele kanzima. Ngilapha namuhla ngenxa yomsebenzi onzima engiwenzile. Bengiye nginandise ema-tarven, kodwa ngoba bengikholelwa kwengikwenzayo futhi ngiwuthanda umsebenzi wami, ngilapha namuhla ngokwesekwa abalandeli bami”, kusho yena.

“Sengizobiza futhi manje, Abaqaphele abantu. Ngiyothatha i-Grammy manje”, kusho yena.

Uke waveza ukuthi kuphoqe ukuthi aboleke imali kumashonisa ukuze akwazi ukumelana nezindleko zokuya kulo mcimbi wezindondo kwazise bekufanele aqale akhokhe imali abeyikweleta i-South African Receiver of Revenue (SARS).

Uthe ukholwa ukuthi uNkulunkulu uyizwilw imithandazo yakhe. “UNkulunkulu ubenami. Ngicabanga ukuthi ubuzwile ubuhlungu ebengikubo njengoba kuphoqe ukuthi ngithathe imali yami yokugcina wase engibusisa ngale ndondo ukuze ngikwazi ukwenza imali engaphezulu kakhulu kwale engiyisebenzisile. Konke kubiza ukuthi ubekezele futhi uzethembe”, kusho uMakhadzi.

“Mtomnyama, kufanele ukholelwe kuwena, ukholelwe emaphusheni akho. uzethembe ukuthi ungenza okukhulu futhi wazi ukuthi konke kungenzeka.

“Ngicabanga ukuthi ngiwumuntu oyisimanga. Uma wazi lapho engiqale khona nalapho engiphuma khona kuze kube manje. UNkulunkulu ungibeke lapha kuleli zwe ukuze abangazethembi izimanga zakhe bamethembe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.