ABANTUIzindaba

“Impilo Kangiyesabi, Izinselelo Ziyafika Zedlule, Ngisale Mina” – DJ Sbu

U-DJ ophinde abe umsakazi we-Radio 2000, uSbusiso ‘DJ Sbu’ Leope uthi impilo imdlulise kokuningi okunzima nokuhle, ngakho kanasizathu sokuba igwala ayesabe. Lokhu kushiwo ilo DJ oseke wadayisa emgwaqeni ezama ukuhlanganisa ibhizinisi lakhe leziphuzo iMoFaya.

Indlela ka-DJ Sbu njengosaziwayo ibe nezinselelo eziningi kodwa kazange avume ukuwa bhu, kunalokho uwe evuka ehlanganisa impilo kwaze kwaba uthola elinye ithuba lokubuyela emsakazweni omkhulu.

Lo DJ wodumo lwengoma ethi Remember When It Rain uphawule ngezimo adlule kuzona empilweni emuva kokunikwa ithuba lobuyela emsakazweni njengoba eseku-Radio 2000.

“Ngiyaziqhenya ngezinqumo engizithathile empilweni ngoba izona ezingibeke lapho engikhona. Ibanga engikulona manje, izinto engizizuzile, umuntu esengiwuyena, indlela engenza ngayo izinto, izinqumo engizithathayo, uhlobo lukababa engiwuye. Konke okwenzeka empilweni yami kuyamangalisa”, kusho yena.

Kuyangijabulisa ukuthi ngiwalandelile amaphupho ami. Kuyangijabulisa ukuthi ngesikhathi kuthiwa angenzi kahle izinto angiliphosanga ithawula, kuthiwa angisikhulumi kahle isingisi, kuthiwa izwi lami alichazi, konke ngazama ukukulungisa ngokwami, ngazama ukuthola izindlela zokuphumelela kulokhu engangigxekwa kukhona.

“Kusukela ekubeni umsakazi, ngixoshwa i-Metro FM ngoba ngikhangise ibhizinisi lami i-MoFaya kuma-Metro FM Music Awards ayengo 2015. Ngabe angifikanga lana ukube akwenzekanga konke lokho”, kusho u-DJ Sbu.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.