ABANTUIzindaba

UThokozani Langa Uthi Akaphili Ngokucela Nakuba Engasebenzi

Umculi kamaskandi osenqobe inqwaba yezindondo, uThokozani ‘Somnandi’ Langa uthi nakuba engasebenzi ngeke umbone yena ehambe ecela ukukhangezwa noma ukudatshukelwa ukuze aphile. Uthi uphila ngokusizwa uNkulunkulu nangamadlozi akubo.

ULanga wodumo lwezingoma ezithi Sengibekezele, Savumelana, Ngiyobona uSomnandi nezinye, uzwakale esho lokhu kwi-video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana.

“Impilo yethu ngeke ize ifane. Abanye abantu bathole amafa abanye bethu abangawatholanga. Okubalulekile ukwazi ukuthi abantwana bethu bazolala bedleni ngaphambi kokulala. Akekho umuntu onomsebenzi wokusiza mina futhi angilindele ukusizwa muntu. Ngiphila ngomusa kaNkulunkulu”, kusho uLanga.

Lo mculi ongowokudabuka eMahlabathini, KwaZulu-Natali uthe uyazi ngale-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana.

“Uyazi ukuthi umkhakha esikuwona ubole kanjani. Ngiyazi ukuthi ngale-video ngingase ngingene enkingeni yokubandlulwa kodwa ngoNkulunkulu izinto zizokwenzeka.

“Sengibe semculweni iminyaka eminingi kodwa angikaze ngibone umculo wethu unganakwa ngalendlela okwenzeka ngayo manje. Nemisakazo emikhulu ayisizi ngalutho kulenkinga nokudala ukuthi abanye bethu bebeke ithemba labo kuNkulunkulu”, kusho yena.

Uphethe ngokuthi yena akahlupheki futhi akathembeke kubantu ukuthi bemfunze ukudla. “Unkulunkulu uyikho konke empilweni yami, angeswele lutho ngenxa yakhe. Ngiyafisa ukuthi abaholi bakahulumeni kebevakashele abaculi emakhaya babone izimo abaphila ngaphansi kwazo, bengagcini ngokukhuluma ngabo emahhovisi”, kusho uLanga.

*Umthombo: TimesLIVE

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.