EZEMIDLALOEZISEMATHENIIzindaba

Ungqongqoshe Wezemidlalo Ufuna Kubuse Umdlalo Wokupina Izimoto

Ungqongqoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko osanda kuqokwa, uMnuz. Gayton MacKenzie usememezele ukuthi umdlalo wokupina izimoto odume ngokuthi owamaginsa noma izigebengu, iwona ozodla ubhedlu uma esaphethe lomnyango. Uthi uzokwenza umdlalo wokushaya isidudla ngezimoto ube semthethweni.

Ngokuka Mnuz. MacKenzie iwona lo mdlalo ozoba nomthelela omuhle emnothweni wakuleli.

ENingizimu Afrika kunomlando wokuthi uma umuntu eshaya isidudla ngemoto, uthathiswa okwesigebengu noma iginsa. Nokho lo mdlalo sewuzoba yingxenye yemidlalo ezoxhaswa wuhulumeni wakuleli.

Umdlalo wokushaya izidudla ngezimoto zibe zihamba ngesivinini esikhulu ungomunye wethandwa abantu abaningi eNingizimu Afrika. Ivamile imidlalo yalezi moto emalokishini lapho kuye kubonakale abashayeli bezimoto bezishayeli bephakathi kuzona bebuye bephume ngaphandle imoto izihambele yodwa. Osuke esenza lokho uthathwa njengenkakha kulo mdlalo oyingozi.

Uqale eSoweto ngeminyaka yo-1980, kanti ubuvame ukwenziwa emingcwabeni yabantu abasuke baziwa ukuthi bangamasela ezimoto njengendlela yokubahlonipha ongasekho. Izimoto bezintshontshwa ngelanga lo mngcwabo kushawe ngazo izidudla, bese makuqedwa zishiwe kanjalo.

Muva nje sekuwumdlalo odlalwa ngokusemthethweni futhi sekunezindawo ezakhiwe zokuwudlala ezaziwayo. I-Motorsport South Africa isiwumgunyazi okhipha izimvume kulabo abafuna ukwenza imidlalo yokushaya izidudla ngezimoto. Ngo-2014 lo mdlalo uphasiswe njengosemthethweni. Nokho basekhona abasawenza ngokungekho emthethweni.

Uhlobo oludala lwezimoto ezivame ukubonakala zisetshenziswa kule midlalo yokushaya izidudla i-BMW 325 edume ngokuthi igusheshe, izimoto zakwa-Toyota, Chevy, Ford ne-Nissan Skyline.

Lo mdlalo usuyenziwa nasemazweni afana neZimbabwe nasEswatini kanti usuye uhehe nosaziwayo njengoba abaculi bewusebenzisa ukwenza ama-video omculo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.