Izindaba

Ubonge Umsamariya Olungileyo Umlingisi We-Skeem Saam Oshelwe Indlu

Ubonge uTumisho Masha obe umsamariya olungileyo kuyena nomndeni wakhe umlingisi we-Skeem Saam, u-Innocent Sadiki emuva kokushelwa indlu yakhe. Lesi gameko esenzeke ngoMsombuluko sishiye lo mndeni ungenandawo yokufihla ikhanda.

U-Innocent ubonge uTumisho ngokusiza yena kanye nomndeni wakhe ngesikhathi bengazi ukuthi bazothatha ini bahlanganise nani, ngokubasiza ngezinto ezidingekayo osukwini njengezinto zokulala nokudla.

Uthe okwenziwe uTumisho kwenze izingane zakhe zalala zifake ama-pyjama zangakuzwela ukuthi kushe yonke impahla yasekhaya.

“Ngiyabonga @TumishoMasha. Abantwana bami balale befake ama-pyjama namuhla. Uye ezitolo ngokushesha ukuyositholela izinto ezizotshenziswa imina nomyeni wami. Balale kwangabonakala ukuthi sinenkinga noma bekunzima,ngiyabonga mfowethu”, kubhale u-Innocent ku-Twitter.

UTumisho Masha naye ungumlingisi oseke wabonakala emidlalweni i-Catch a Fire, Beyond Borders, Mandela Gun neminye eminingi.

NgoMsombuluko u-Innocent ufake ezinkundleni zokuxhumana i-video ebibonisa ukuthi umuzi wakhe ushe kanjani waba umlotha. Kwenye yama-video uvela ekhala eduduzwa umyeni wakhe.

Kwenye kubonakala abezicishamlilo bezama ukubhula umlilo obusha ubuhanguhangu ocekele phansi yonnke impahla yasendlini ka-Innocent.

“Lokhu ebesikubiza ngomuzi wethu, manje asisenalutho. Umuzi wethu ushe wonke. Nkosi usenguNkulunkulu wethu”, kusho yena.

Kuze kube manje akukaveli ukuthi umlilo ushiswe yini kodwa u-Innocent utshele abalandeli bakhe ukuthi akekho olimele.

Yize bethole ukwesekwa zinkalo zonke u-Innocent nomndeni wakhe kodwa abanye abalandeli bamgxekile ngokuthi kuthi kusha indlu yena ebe matasa nokulokhu eqopha ama-video ewafaka ezinkundleni zokuxhumana. Bebesho njalo yize kwaziwa ukuthi uwumuntu othanda ukufaka ayonke into emayelana nempilo yakhe ku-YouTube nakwezinye izinkundla zokuxhumana.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.