EzosaziwayoIzindaba

UBonang Matheba Udalule Isoka Lakhe Emndenini

Usaziwayo wakuleli oke wasakaza ku-Metro FM uBonang Matheba udalule isoka lakhe emndenini nakubangani bakhe emuva kwesikhathi eside elifihlile. Lokhu kwenzeke ngesikhathi egubha usuku lwakhe lokuzalwa emzini wakhe oseGoli.

UBonang odume ngelika ‘Queen B’ uveze isoka lakhe elingu-David Phume ngesikhathi egubha iminyaka yokuzalwa engamashumi amathathu nesikhombisa (37) emcimbini obuhanjelwe amalungu omndeni kanye nabangani bakhe.

Kuthiwa laba bahlanganiswa umngani ngo-2023 kwathi ngoMfumfu bazikhiphela e-Italy beyongcebeleka ezindaweni eziphambili.

Umthombo owumngani womndeni uthe imindeni yabo isike yahlangana nabo bobabili ngokuhlukana futhi inhloso kaPhume ukugcina emshadile uBonang. “Into yakhe uPhume icacile, ukuthi ufuna ini”, kusho umthombo.

“UBonang ubengeke avezele umndeni isoka lakhe uma ingekho inhloso yomshado. Umama wakhe useyalazi futhi wonke umuntu uthokozile ngalo”, kuqhuba umthombo.

Isithombe: UBonang edansa noPhume emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa kwakhe

Kuvela izindaba zaleli soka nje, uBonang uke waba sebudlelwaneni bothando nelungu le-Skwaata Camp, uSiyabonga ‘Slikour’ Metane owagcina eshade no-Mellisa Wilkison. Uphinde wathandana no-DJ ophinde abe ngusomabhizinisi, uThemba ‘DJ Euphonik’ Nkosi naye ogcine eseshade nomunye umuntu.

Uhlukane no-DJ Euphonik emuva kokuvela kwezindaba zokuthi ubudlelwane babo bunezinkinga futhi kuhlezi kuliwa.

UBonang uke wathandana isikhashana nomculi wase-Nigeria, uD’banj kwase kuthi emuva kwalokho wathandana nomculi oyi-rapper ongasekho u-Kiernan ‘AKA’ Forbes.

Konke lokho sekuwumlando njengoba manje uBonang ethokozile ebudlelwaneni obusha anabo noPhume futhi eseze wagcina emvezile emndenini wakhe.

UPhume ungumshana walowo owayengu-Mr South Africa,u-Paul Phume futhi ungusomabhizinis ohlonishwayo kuleli.

Uzalwe eGoli wafunda khona emakolishi abadla izambane likapondo ukwenza amafilimi opopayi bezilwane abadlala ngobuchwepheshe. Uneziqu azithole e-San Francisco, okuyisikole esigxile ekufundiseni ukwenza amafilimi ezingane adlala ngobuchwepheshe.

Kuthe ngo-2005 wasungula inkampani ekhiqiza amafilimi opopayi bezilwane adlala ngobuchwepheshe, i-Penthouse Motion Pictures.

Ekhuluma ngesoka lakhe uBonang uthe, “Sesibe ndawonye isikhathi esingangonyaka manje. Uyisithandwa somphefumulo wami, uyangiseka kukho konke. Ngiyamthanda”.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.