Imibono

Konke Okwenzayo Uzenzela Wena

Kuningi engikufundile empilweni ngiyiphila. Namuhla ngifisa ukukhumbuza umfundi walengosi yethu yabaNqobi ukuthi noma ngabe yini oyenzayo empilweni yakho inomthelela empilweni yakho elandelayo. Ngelinye ilanga indoda eyayiwumakhi enkampanini eyakha izindlu, yafinyelela esinqumeni sokuthatha umhlalaphansi.

Umqashi walendoda waphatheka kabi ukuthi usezolahlekelwa umsebenzi wakhe othembekile, futhi osebenza ngokuzikhandla. Umqashi wavuka ekuseni inhliziyo yakhe idangele, wavakashela lendoda eyayisizoshiya emsebenzini. Wayinxenxa ukuthi ngaphambi kokuthi ishiye ucela yakhe indlu eyodwa nje ezoba yisikhumbuzo kumqashi ukuthi yayingumakhi oseqophelweni eliphezulu. Yaba nokunqikaza lendoda kodwa yagcina ivuma. Nebala ngosuku olulandelayo yavukela khona ukuyokwakha lendlu endaweni ekhonjwe ngumqashi wayo. Yavele yashodisa lapha kusemente namatshe. Kwaba yindlu engaqinile ngokwanele nakuba yayiyinhle. Iyona kuphela eyayazi ukuthi enye impahla yokwakha lendlu iyidayisile ngenani eliphansi.

Yathi isiyiqedile indlu. Umqashi wacela ukuthi ize nomndeni wayo ufuna ukuyenzela umcimbi wokuyivalelisa. Yethuka kwaphela nasozwaneni lapho ithola ukuthi lendlu ebikade iyakha, umqashi uyinika yona njengesipho. Yajabula phambi komqashi nomndeni wayo kodwa ngaphakathi yayingeneme ngoba yabe yazi ukuthi lendlu ayiqinile ngokwanele.

Lokhu kusifundisa ukuthi siqaphele esikwenzayo ngoba hleze kubuye kithi. Lama bhodlela owaphihliza endleleni kungenzeka ahlabe ingane yakho.

Yenza lokho oyothanda kwenziwe kuwe. Impilo isifundisa ukuthi uvuna okutshalile. Ngaleyondlela yenza kahle ukuze uhehe izibusiso empilweni yakho. Uma unikezwe ithuba ungadlali ngalo.

Kuze kube ngokuzayo.

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.