EZISEMATHENI

I-SABC Iqede Isigubhukane NgoMuvhango

Emuva kweminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27) abantu bebukela nsuku zonke umdlalo ovezwa ku-SABC 2, uMuvhango bazodumala ukuzwa ukuthi ungase uqedwe. Lo mdlalo oqondiswa inkakha kwezamafilimi, uDuma Ndlovu uzogcina ukuboniswa ngoLwesibili.

Nakuba singekho isitatimende esikhishwe i-SABC kodwa abadidiyeli beMuvhango babhale ezinkundleni zokuxhumana bememezela ukuthi kuyaphela ngawo.

“Kuyaphela ngoMuvhango, siyabonga ngokubuka yonke le minyaka”, kubhalwe kanje ekhasini le Muvhango le-X.

I-season ephela ngoLwesibili igcine ukuqoshwa ngomhlaka-15 Nhlangulana, emuva kwalokho akubange kusenziwa lutho. Ngokuvamile ngalesikhathi izinkontileka ze-season elandelayo zisuke sezisayiniwe kodwa kuze kube manje akukenziwa lutho.

Nakuba kungacaci ukuthi yini eholele kulesi nqumo se-SABC kodwa ngokwezinombolo iMuvhango ilona hlelo olubukwa kakhulu ku-SABC 2. UMuvhango udlala ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, ngehora lesishiyagalolunye (21:00) ebusuku.

Isithombe: Abalingisi bomdlalo uMuvhango

NgoLwesibili ababukeli babukele isiqephu sengqophamlando yomshado kaReneilwe no Kgosi, lapho kubonakale khona abadlali balo mdlalo abadala bezobungaza lo mshado obusuvala i-season esikuyona. Njengoba zingekho izinkontileka ezisayinwe abalingisi boMuvhango kusho ukuthi ngeke uze ubonakale ngoLwesithathu.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com