I-SABC Iqede Isigubhukane NgoMuvhango
Emuva kweminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27) abantu bebukela nsuku zonke umdlalo ovezwa ku-SABC 2, uMuvhango bazodumala ukuzwa ukuthi ungase uqedwe. Lo mdlalo oqondiswa inkakha kwezamafilimi, uDuma Ndlovu uzogcina ukuboniswa ngoLwesibili.
Nakuba singekho isitatimende esikhishwe i-SABC kodwa abadidiyeli beMuvhango babhale ezinkundleni zokuxhumana bememezela ukuthi kuyaphela ngawo.
“Kuyaphela ngoMuvhango, siyabonga ngokubuka yonke le minyaka”, kubhalwe kanje ekhasini le Muvhango le-X.
I-season ephela ngoLwesibili igcine ukuqoshwa ngomhlaka-15 Nhlangulana, emuva kwalokho akubange kusenziwa lutho. Ngokuvamile ngalesikhathi izinkontileka ze-season elandelayo zisuke sezisayiniwe kodwa kuze kube manje akukenziwa lutho.
Nakuba kungacaci ukuthi yini eholele kulesi nqumo se-SABC kodwa ngokwezinombolo iMuvhango ilona hlelo olubukwa kakhulu ku-SABC 2. UMuvhango udlala ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu, ngehora lesishiyagalolunye (21:00) ebusuku.

Isithombe: Abalingisi bomdlalo uMuvhango
NgoLwesibili ababukeli babukele isiqephu sengqophamlando yomshado kaReneilwe no Kgosi, lapho kubonakale khona abadlali balo mdlalo abadala bezobungaza lo mshado obusuvala i-season esikuyona. Njengoba zingekho izinkontileka ezisayinwe abalingisi boMuvhango kusho ukuthi ngeke uze ubonakale ngoLwesithathu.