Izindaba

Uphoxe Izinkumbi Zabalandeli Engafiki Emcimbini U-Kabza De Small

Umculi oyintandokazi kubathandi bobumnandi kuleli, u-Petros ‘Kabza De Small’ Motha uphoxe izinkumbi zabantu abebemlinde emcimbini iBasha Uhuru Freedom Festival obuse-Constitutional Hill eGoli ngoMgqibelo. UKabza akafikanga kulo mcimbi abeyisimenywa esiqavile kuwo.

Abanye abaculi abebeyingxenye yawo o-Morda Bongz, Sjava, Amagugu Ezwe nabanye.

IBasha Uhuru Freedom Festival umcimbi omkhulu oba minyaka yonke eGoli, udume ngokuheha izinkumbi zentsha evela emalokishini nasezindaweni eziningi ngaphakathi nangaphandle kwaseGoli. Wenziwa njengengxenye yokugubha inyanga yabantu abasha.

Umthombo obukhona kulo mcimbi uthi obephethe uhlelo ubelokhu ememeze njalo ethi uKabza usendleleni, enika abantu ithemba elingekho.

“Bebelokhu bememeza bethi uyeza kodwa abantu bagcine sebephelelwe isineke bazihambela”, kusho umthombo.

Osethimbeni lezokukhangisa e-Constitutional Hill, u-Janine Levinia Muthusamy uthe abantu baphoxeke kakhulu ngokungafiki kukaKabza kulo mcimbi. U-Muthusamy uthe uzamile ukuhambisa isikhathi ngokufonela abaphathi bakhe uKabza, kodwa kucacile ukuthi akezi, kwaze kwaphoqa ukuthi kumenyelwe ukuthi angeke esafika, nokuyinto ephoxe kakhulu abantu. “Sizame konke ukumthola kodwa sangathola mpendulo. Siphoxeke kakhulu ukuthi sikhokhele umculi kodwa angafiki futhi kungabi nokuxhumana okuqondile”, kusho u-Muthusamy.

Wengeze ngokuthi sekuzovala bathole umyalezo uvela kubaphathi bethi ubambezeleke komunye umcimbi abekuwo. “Khona lapho babuye bashintsha udaba bathi ube nenkinga yokumpantshelwa isondo”, kusho yena.

Efonelwa uKabza uthe uzokhipha isitatimende maduze, wala waphetha ukuphawula.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.