Izindaba

Isishoshovu Se-LGBTQ+ Siqokwe Njengesekela Lomnyango Wabesifazane, Intsha Nabakhubazekile

Oyisishoshovu esilwela amalungelo abathandana benobulili obufanayo okubizwa nge-Lesbian, Gay, Bisexual, Transgender & Queer {LGBTQ), u-Steve Letsike uqokwe njengesekela likangqongqoshe womnyango wabesifazane, intsha nabakhubazekile. Uqokwe ngeSonto ngesikhath iumengameli wakuleli, uMnuz. Cyril Ramaphosa ememezela ithimba lo ngqongqoshe kanye namasekela abo e-Union Buildings ePitoli.

UMKHAYA uke wabhala ngoLetsike ekanye nabanye ababili, o-Eugene Manana noPamino Jama ngesikhathi amagama abo engena ohlwini lwe-ANC labaya ephalamende.

ULetsike uke waba uSihlalo we-South African National AIDS Council ebambisene nosekela mengameli wakuleli uMnuz. Paul Mashatile. Uphinde abe umqondisi we-Access Chapter 2, okuyi nhlangano ebhaliswe njengengenzi nzuzo futhi elwela amalungelo ababuthaka njengabesifazane nabathandana benobulili obufanayo.

Ushade nentokazi u-Lucy Thukwane ebandleni i-Methodist Church ngo-2018.

Isithombe: U-Steve Letsike ebopha ifindo likasofa silahlane nomkakhe u-Lucy Thukwane

Ubongelwe izinhlangano eziningi ezilwela amalungelo abathandana benobulili obufanayo.

UQhama Nyama we-SA Queer Movement ubhale ekhasini lika-Facebook wabongela uLetsike emsebenzini wakhe omusha. “I-SA Queer Movement iyakubongela. Umholi we-LGBTQ, u-Steve Letsike unesikhundla kwi-cabinet, ushintsho luyabonakala impela.

“Sikunika uthando, mhlonishwa sekela ngqongqoshe wabesifazane, izingane nabakhubazekile, njengomphakathi we-LGBTQ siyazi ukuthi ukulingene lo msebenzi”, kusho uNyamza.

ILebo Basadi Foundation, Few Empowerment Few ne-Gender Transformation Network ngezinye zezinhlangano eziphumele obala zabongela uLetsike ngesikhundla aqokelwe sona.

ULetsike uneziqu zase-UNISA, i-BA in Social and Human Science azenze ngo-2010 kuya ku-2013. Unolwazi oluhambisana namava anzulu ngemigomo yamazwe omhlaba kanye nokulwela amalungelo abantu. Uphinde uSihlalo we-Commonwealth Equality Network.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.