Abantu Bajabulele U-Relebohile Mofokeng We-Pirates Ethenga Umacekeceke Wemoto
Umdlali oyibamba esiswini ku-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng ujatshulelwe abantu abaningi abambone ezithombeni ezinkundleni zokuxhumana ethenga imoto entsha sha, i-VW Polo GTI ebiza ngaphezu kuka-R550 000. Izithombe zikaMofokeng emi eduze kwemoto yakhe ziqale ukubonakala ngempelasonto.
Lo mdlali oshisa engabaselwe kulezi zinsuku uconselwa amathe amaqembu amaningi aphesheya kuhlanganisa i-Wolverhampton Wanderes egijima ku-English Premeirship, i-Aly Ahly yase-Egypt, i-Red Bulls Salzburg yase-Serbia ne-Glasgow Rangers yase-Scotland.
Akungatshazwa ukuthi lo mdlali uphila impilo yamaphupho akhe njengoba kubukeka sengathi konke kuhamba kahle enkundleni nangaphandle. Emuva uMofokeng oneminyaka eyishumi nesishiyagalolunye (19) efake izithombe ezinkundleni zokuxhumana emi eduze kwemoto yakhe entsha abantu baqale ukuphawula, bembongela kanti abanye bebemxwayisa ukuthi ayiphathe kahle.
UThulani Umlisa KaJazi uthe, “Uphephe mfana”. UNqobile Mbhele Sompisi uthe, “Ngiyakuhalalisela ndoda, uphephe ezigebengwini nasezingozini”.
UMbeko Mvanyashe ubongele lo mdlali wathi, “Ngiyakuhalalisela Rebo, sengathi uNkulunkulu angakuvikela. UKabelo Magoleng uthe uMofokeng kumfanele ukuzijabulisa. Ïmfanele lempumelelo”, kusho yena.
UShady Junior uthe,”Ngiyakuhalalisela mfana wami. Qhubeka nokusenza sizeqhenye ngawe futhi sithemba uzokwenza kangcono kakhulu nge-season ezayo”.
Omunye umlandeli nokho ukhombise ukukhathazeka ngale moto entsha ethengwe uMofokeng. Äyi le moto mfana. Iyingcuphe kakhulu. Uphephe, mkhulu.
Uyise walo mdlali oshayele i-Pirates igoli elibalulekile idla iMamelodi Sundowns kowamanqamu e-Nedbank Cup mhlaka-1 Nhlangulana, uSechaba Mofokeng uthe uthandazela ukuthi iqembu lama-Dutch kube ilona elinika indodana yakhe ithuba. Uthe uma ingaya e-Netherlands indodana yakhe umoya wakhe ungathokoza ngoba indawo ekahle engakhula kuyona.
Indlela adlala kahle ngayo uMofokeng imvulele indlela yokubizwa eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana. Udlale okokuqala iBafan Bafana iguqisa iZimbabwe ngo 3-1 emdlalweni wokuhlungela indebe yomhlaba e-Free State Stadium e-Bloemfontein.