Ukuqokwa KukaDkt. John Hlophe Kuzowuqinisa Umkhankaso We-MK, Kodwa…
Kubukeka kuletha ithemba futhi kuzowuqinisa umkhankaso wokulwela umhlaba ukujoyina kukaDkt. John Hlophe iqembu loMkhonto weSizwe. UDkt. Hlophe osanda kwehliswa esikhundleni sakhe sokuba umengameli wamajaji esifundazweni i-Western Cape waziwa kakhulu ngokuphumela obala asekele ukubuyiswa komhlaba ubuyiselwe kubantu. Ngaphandle kokuba nobudlelwano obukhulu futhi obungayona imfihlo nomnumzane uJacob Zuma ongumengameli weqembu i-MK, uDkt. Hlophe uyinjulabuchopho uma kufika kwezomthetho kwazise usebe kule ndima iminyaka ecishe ibe kwengama-29.
Ukuhola kwakhe leli qembu ephalamende likazwelonke kuzoletha ithemba kubalandeli baleli qembu ikakhulukazi labo abesebenokudideka ngokuthi iqembu liyaphi kulandela izinqumo ebezibukeka zingezinhle ezithathwe ngumholi waleli qembu ngemuva kokhetho. Esinye salezi zinqumo esisuse ukukhuluma okukhulu nasezinkundleni zokuxhumana ilesi sokungafungiswa kwamalungu alo leli qembu ngesikhathi kufungiswa amalungu amanye amaqembu ahlukene kuvulwa iphalamende. Kuze kwasiza ukungenelela abeluleki ngokwezomthetho bakhe uMsholozi abakwazile ukumeluleka ngokuthi avumele amalungu afungiswe.
Impela uDkt. Hlophe ungumholi onolwazi olunzulu futhi azokwazi ukuthi asize leli qembu ekutheni libuyise ukwethenjwa kwalo yilabo balandeli abesebemanqika. Okubalulekile nje ukuthi aqinisekise ukuthi akavumeli ukudonswa ngekhala nalapho kungenasidingo khona. Kusomsiza ukuthi abe ngumholi ozolimela iqiniso, akuqonde ukuthi akufanele abe nguvuma zonke aphinde aqinisekise ukuthi umyala ngendlela eyiyo uMsholozi. Yize engezanga ngezomthetho kodwa kuzofanele ake amcebise ngezindlela ezingayisa iqembu phambili.
Kuhle futhi ukuthi uyakuvuma ukuthi ulwazi lwakhe lomthetho alusho ukuthi unolwazi ngendlela izinto ezenzeka ngayo ephalamende. Kungakuhle ukuthi ayibheke indlela athekela ngayo ulwazi ngoba akuwona wonke umuntu ongamthemba futhi-ke osopolitiki akubona neze abantu ongabathemba ngoba balala bephenduka.
OkaHlophe makaqinisekise ukuthi ukujoyina kwakhe ipolitiki akugcini kwehlisa isithunzi sakhe futhi kungagcini sekumenza abe nyamanambana kubantu abamkhonzile. Sibabonile abanye abaholi abebehlonishwa emikhakheni eyehlukene belahlekelwa isithunzi kanye nokuhlonishwa kwabo ngenxa yokukhetha ipolotiki. Okubalulekile ngukuthi akhumbule ukuthi usephalamende nje ngoba eyomela abantu. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi aqhakambise lokhu okufunwa ngabantu njengakho nje ukulwela ukubuyiswa komhlaba, ukubhalinganiswa komnotho ungabi kubantu ababodwa kanye nokuqinisekisa ukuthi umuntu omnyama unezwi.
Iqiniso lihle, ipolitiki ayimfuni umuntu ontekenteke kanti injalo nje iyamenza umuntu agcine elahlekelwe isithunzi kwazise kule ndima ugcina ungumalala ephenduka ngenxa yokuthi kufanele usho izinto ezivuna abaphathi beqembu lakho ngaphezu kwalokho okholelwa yikho wena siqu sakho.
*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli i-Wits University