U-Tyla No Makhadzi Bahlabane Ngezindondo Kuma-BET Awards
UDABA OLUGCWELE: Abaculi bakuleli u-Tyla no Makhadzi baphakamisele ifulegi lakuleli phezulu ngesikhathi behlabana ngezindondo emikhakheni eyehlukene abebeqokelwe kuyo emcimbini i-BET Awards obuse-Peackok Theatre e-Los Angeles ngeSonto, mhlaka-30 Nhlangulana.
U-Tyla ukhale wemuka nendondo emikhakheni we-Best New Artist ne Best International Act. Omunye umkhakha abeqokwe kuwo owe-Best Female R&B/Pop Artist abebanga kuwo no-Beyonce nabanye akhale kuwo ngaphansi.
Lo mculi oneminyaka engamashumi amabili nambili (22) unqoba izindondo kuma-BET Awards nje usanda kuqwaqwada ayebanga nabo indondo emkhakheni we-Best African Music Perfomance kuma-Grammy Awards ngengoma yakhe ethi Water.
Ngesikhathi amukela le ndondo u-Tyla uthe, “Akukho ebengihlele ukukukhuluma kodwa ngifuna ukubonga kakhulu emndenini wami, nasethimbeni lami. Ngiyabonga kwabe-BET [Awards] ukuthi behlale begqugquzela isiko, ngizonandisa maduze nilunge”
Ujabulise izihlwele ngengoma yakhe ethi Jump ayenza nom-rapper wase-America uGunna nomdansi wase-Jamaica u-Skilliberg.
Omunye umculi ogile izimanga uMakhadzi onqobe indondo ye-BET Viewer’s Choice: Best International Act. Ukunqoba kwakhe le ndondo kuphenduke kwaba isipho njengoba luqondane nokuthi ubegubha ilanga lakhe lokuzalwa ngeSonto.
Ukunqoba kwabo lezi ndondo labaculi akugqamisi bona kuphela kodwa kugqamisa neNingizimu Afrika enkundleni yamazwe omhlaba futhi kugqugquzela nabaculi abasafufusa ukuthi kuyenzeka nakwabase-Afrika.
Ungqongqoshe osanda kumenyezelwa emnyangweni wezemidlalo, ubuciko namasiko uMnuz. Gayton McKienzie ubhale ku-X encoma labaculi ngabakuzuzile.
“Izinto seziyenzeka, siwabongele omabili amakhosazane. Sifuna ukuqinisekisa abantu baseNingizimu Afrika ukuthi asizoba umnyango ozogxila ekubongeleni abaciko kodwa sizovundulula abanye o-Tyla noMakhadzi. Sisizeni sithole abanye o-Tyla bakusasa.