U-Cassper Nyovest ‘Uhlanze’ Izimfihlo Eshumayela Okokuqala
Umculi we-rap kuleli, u-Cassper Nyovest ushumayele okokuqala enkonzweni ebise-Christian Family Church ngesonto elidlule. Leli bandla beligubha iminyaka engamashumi amathathu lasungulwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2023 u-Cassper wamemezela ukuthi uzinikela enkosini futhi impilo yakhe isizokhokhelwa phezulu.
Ngesikhathi eshumayela kule nkonzo ubegxile ekuyaleni abantu abasha ngesinengiso sokungena ezidakamizweni nomphumela wazo. Utshele ibandla ukuthi iningi labantu abasha aliyi emasontweni ngoba kugcwele abehluleli basemhlabeni. Uwukhuzile lomkhuba wathi umphumela wawo intsha engazi noma liyaphuma noma liyashona.
“Mina uNkulunkulu wakhuluma nami, engibuza ukuthi ngiwubani? Ngisukaphi futhi ngiyaphi? Ngathatha isinqumo sokusondelana naye ngoba ngase ngikhathele ukudla amaphilisi ngenxa yokhwantalala, kodwa ngakhetha ukuzinikela kuNkulunkulu”, kusho u-Cassper.
Utshele abazalwane ukuthi izinto abezenza empilweni ubengakwazi nokuzixoxela umngani wakhe kodwa ekugcineni wakhetha inkosi. “Izinto ebengizenza mina bezinzima kakhulu kangangokuthi ngisho umngani wami bengingamtsheli zona. UNkulunkulu ungihlengile wangikhipha esonweni sokuthanda ucansi”, kusho yena.
Ufake i-video yentshumayelo yakhe ku-X enombhalo othi: “Baningi abantu abasindiswe ile ntshumayelo. Ukuxhumana kwami noKrestu. Udumo malube kuNkulunkulu” kuphetha u-Cassper.

