Imibono

Sengathi Angasheshe Alulame Bandla URethabile Khumalo

Sesiphinde sahlangana futhi mfundi othandekayo. Cha bakwethu ngeviki eledlule ibikhona ingosi, umahluko ukuthi ibingafakiwe ku-website ngenxa yezizathu ezithile.

Kuleli sonto sizwe izindaba ezibuhlungu ngoRethabile wodumo lwengoma ethi Umlilo ayenza no-DJ Zinhle. URethabile phela uyindodakazi yomculi odumile kuleli u-Winnie Khumalo, kanti naye vele ungumculi. Sibhale udaba lwakhe kuthiwa sekuphelele izinsuku eziyisithupha elele esibhedlela ngenxa yokudla ‘okuthile’ okunobuthi akufakelwe umngani wakhe. Iyamangazi yona lento. Umngani onjani yena lona.

Manje umndeni ucela ukukhulekiswa kulesi simo okuso. Into ebuhlungu ukuthi uRethabile ukulenkinga nje unomntwana omncane, nokuyinto umndeni okhathazeke kakhulu ngayo. Sengathi angasheshe alulame usisi bakithi, sisamdinga siyi-country.

NgoLwesibili kuke kwasuka igidigigi ezinkundleni zokuxhumana abantu abaningi besabalalisa izithombe zomlingisi oke wadlala kuMuvhango isikhathi eside uPhindile Gwala. UPhindile ubevela enamalungu eqembu i-MK Party abefungiswa ephalamende, ingani nje leli qembu like lathi lona ngeke lingene ephalamende ngoba alinelisekile ngemiphumela yokhetho obelungomhlaka-29 Nhlaba. Manje abantu bebemangazwa ukubona uPhindile, bebodwa abachwensa amalungu e-MK Party wona abematasa ekhankasa kodwa asezokweqelwa umuntu obengazi nokuthi lidumephi.

Kodwa-ke mase sikhuluma ayikho into embi uma iqembu libuka ikhono elithile kumuntu bese lifuna ukulisebenzisa. Nakhu sibonile kufakwa uMnuz. John Hlophe obengumengameli wamajaji e-Western Cape, akuzange kube namsindo ngaye, owani pho makunguPhindile? Nokho abaphathi bakhe uPhindile bagcine bekhiphe isitatimende bechaza ukuthi empeleni lo mlingisi ubephelezele umama omgumngani wakhe u-Bishop Nokwethemba Mtsweni.

Sibhale udaba ngo-Jub Jub owethula izinhlelo esiteshini sikamabonakude iMoja Love lapho ebexwayisa khona abantu ngogalakajana abafuna ukubaqola besebenzisa igama lakhe. Lo mculi ubhale ku-Instagram exwayisa abantu ngamaqola avula amakhasi ezinkundleni zokuxhumana bese ezibiza ngaye, ameme abantu ukuthi batshale imali emabhizinisini awo ukuze ikhule. U-Jub jub uthi kahlangani yena naleyonto. Uphinde wathi khona asebeqe umugqa baze baphawula ngengozi eyehlele umculi waseLimpopo, uShebeshxt. Lo methuli wohlelo Uyajola 9/9 uthi akaze asho lutho yena ngendaba ka-Shebeshxt ngoba akahlangani futhi akamazi kwalowo muntu okukhulunywa ngoba akaze ahlangane kwanaye. Ube esecela abantu ukuthi bemsize kuliwe nalamaqola.

Into nje eke yangithokozisa kuleli sonto ukuzwa izindaba zokuthi kumabonakude kuzoba nohlelo lokudodisa abafana abancane ekutheni bakhule babe amadoda aqotho kusasa. Ngikujabulele nokuthi luzothulwa indoda engiyihloniphayo emkhakheni wezokulingisa uMondli Makhoba. Lolu hlelo oluzobizwa ngokuthi Vuka Mjita luzoqala ukuboniswa ngomhlaka-14 Ntulikazi kuMzansi Wethu. Kulo kuzobe kucathuliswa abesilisa abasebancane ukuhamba indlela ebheke ebudodeni nokubelapha izinselelo abahlangabezana nazo empilweni. Ngiyathemba ukuthi izofezeka inhloso yalo. Sbonge ngalowo mcabango ngoba ziningi izinselelo ezibhekene nabantu besilisa kuhlanganisa nengcindezi abayifakelwa abesifazane eze ibafake ezindleleni ezingalungile.

Uzokhumbula mfundi ukuthi kunesikhulu sakwa-IEC esiboshwe kuleli sonto ngecala lokukhwabanisela ibhange i-Standard Bank imali engu-R1.2 million. Kuthiwa lesi sikhulu esinguDkt. Nomsa Masuku sathatha lemali okwakungeyohlelo lwe-Adopt A School Trust olusiza abafundi abahlempu, sona sayifaka kuma-account omndeni nezihlobo zaso kuhlanganisa nabashana baso ababili. Phakathi kwabanye babashana kubalwa no-DJ Melzi okuthiwa samsiza ukuthi athenge imoto yakwa-Mercedes Benz eyabiza R3.4 million. Lo-DJ uphika ulala ngomhlane ukuthi uhlobene nalesikhulu njengoba abathi singunina wakhe. Uthi akahlobene kwakuhlobana nje naso.

Ukuthi naye lo-DJ indaba yakhe iyasolisa. Uma ungena kumakhasi akhe ezinkundeni zokuxhumana ushuthe emi eduze kwenqwaba yezimoto zakwa-Mercedes Benz okungaqondakali noma ezakhe zonke yini. Nokho sithole ukuthi unebhizinisi elihwebayo, elidume ngokuthi i-forex, abe nezindlu aqashisa ngazo bese eba ne-foundation, i-Melzi Foundation.

Yizo lezi ebesiziphethe kuleli sonto, kuze kube ngokuzayo.

*Ungaxhumana nathi ku-Whatsapp [0640179872] noma ku-editor.umkhaya@gmail.com

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.