Owayedlala Ku-Skeem Saam Usewumbhali Womdlalo, Umkhokha: The Curse
Emuva kokushiya umdlalo i-Skeem Saam, umlingisi uBongani Masondo akahlalanga phansi kodwa ucinge ezinye izindlela zokuphila. Kulo mdlalo oboniswa ku-SABC 1, uMasondo ubedlala indawo kaMangaliso obebuye abizwe ngo-Babymaker. Ushiye kuwona ngenxa yokungaboni ngasolinye nabakhiqizi bawo, kubangwa umholo abenganelisekile ngawo.
UMasondo uke wabonakala emdlalweni i-Ambitious odlala ku-Etv kanti ubebuye enze ama-voice over esingisi nesiZulu kusona lesiteshi.
Lo mlingisi oke wafunda e-African Film and Drama Art School (AFDA) uthe umsebenzi wokwenza ama-voice over umqhubile impela kulemiyaka eyisishiyagalombili ewenza waze wehlelwa inhlanhla yokubhala emdlalweni Umkhokha: The Curse. Kulo msebenzi wakhe omusha usebenza noKagiso Mogale oyinhloko yababhali. Umkhokha udlala kuMzansi Magic ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngokugamanxa kwehora lesishiyagalombili ebusuku (20:30)
Mayechaza uthi ulwazi aluthole efunda e-AFDA lumsize kakhulu emsebenzini wokubhala awenzayo kUmkhokha, aqale ukuwenza ngonyaka odlule.
“Sengiyazi manje ukuthi yini okufanele ngiyibhale. Sengithe ukulithuthukisa ikhono lami. Bengizitshela ukuthi ngiyazi ngokubhala kodwa ngibone sengikuwona Umkhokha ukuthi kuningi okufanele ngikufunde’, kusho uMasondo.
“Umkhokha umdlalo ofuna wazi okuningi. Sibhekene nebandla, isiko, nemikhuba ehlukene yabantu. Kuningi okumele ukubhale kUmkhokha, ngisho indlela yokubhala khona ayifani neyeminye imidlalo.
“Njengomuntu ongumelaphi kunolwazi engilekelela ngalo emdlalweni”, kusho yena.
UMasondo uthe akayekile ukulingisa, usaya uma kunezinhlolakhono ayozama inhlanhla. “Ababhalali be-Skeem Saam bangitshela ukuthi basazoyandisa indawo ebengiyidlala khona kodwa kuze manje akukaze kwenzeke lokho”, kusho yena.
Ukholwa ukuthi lizoze livele ukuthi lokuthi aphinde alingise indawo ezoba neqhaza ekushintsheni impilo yabantu.
Okwamanje uMasondo oke wadlala ku-Society neTshesa, uthe usezinhlelweni zokuthuthukisa ikhono lakhe lokubhala futhi uthemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uzothola amathuba angcono agcine engumqondisi wemidlalo.