Ubonge Umkakhe U-Itumeleng Khune Egubha Usuku Lokuzalwa
Unozinti we-Kaizer Chiefs u-Itumeleng Khune ubonge unkosikazi wakhe, uSphelele Makhunga-Khune omenzele isiphihli somcimbi ngesikhathi egubha usuku lokuzalwa mhlaka-20 Nhlangulana. Lo nozinti oke wavimbela iBafana Bafana ubehlanganisa iminyaka engamashumi amathathu nesikhombisa (37) abona ilanga.
UKhune ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ebonga umkakhe. “Usuku lokuzalwa kwami ngiluthokozele. Ngiyabonga kakhulu kumkami @laaylaymak.. ngifuna ukubonga kini ngemiyalezo eningithumelele yona. #GodIsGreat”, kubhala uKhune.
UKhune ungumdlali wokuqala osehlale isikhathi eside kuMakhosi ngaphandle kokujoyona elinye iqembu.
Muva kuzwakale izindaba ezithi angase afakwe kwithimba labaqeqeshi uma sekuphele inkontileka yakhe njengomdlali makugoqwa i-season ka-2023/24.
Lokhu kuqinisekiswe inkulumo ka-Kaizer Motaung Junior oyi-Sporting Director ku-website yaleli qembu lapho athe ukholwa ukuthi ukungena kukaKhune kuleli thimba kuzodlulisa ulwazi nesipiliyoni sakhe kubadlali abasakhula.
“Akuyona into encane ukuthi uKhune kule minyaka anayo engama-37, yena usehlale eqenjini iminyaka engaphezu kwamashumi amabili (20). Lokhu kubonisa uthando analo ngomdlalo webhola, ukuzinikela, ukusebenza kanzima nokuzibophezela, ngoba bancane abazuza asekuzuzile. Sithemba ukuthi kule-season yakhe yokugcina uzokwenza konke futhi abelane nabanye abadlali abasebancane amava akhe”, kusho uMotaung Junior.
UKhune uzalelwe e-Ventersdorp e-North West, kanti ujoyine iqembu elikhulu le-Kaizer Chiefs ngo-2004 afike kuyo ngo-1999 ezozama inhlanhla. Kuthe ngo-2008 waqokelwa eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
Uqale ukugqama ngesikhathi evimba amaphenathi amathathu o-Esrom Nyandoro no-Peter Ndlovu emdlalweni wamanqamu we-Telkom Knockout ngomhlaka-1 Zibandlela 2007.
Njengendlela yokuyisela emphakathini uke waxhasa ikhaya labadala ngakubo e-Ventersdorp e-North West ngemali engu-R150 000. Ngesikhathi ethula umnikelo wakhe kuleli khaya labadala ubephelezelwa owangungqongqoshe wezemidlalo, ubuciko namasiko uMnuz. Fikile Mbalula nozakwabo o-George Lebese no George Maluleka.