Owabulala Umkakhe Uthi Mayeboshwa Amadlozi Azomhlanyisa
U-William Manku onguyise womlingisi we-Skeem Saam, u-Amanda Manku uthi uma eboshwa amadlozi azomsanganisa ikhanda noma ambulale. UManku uboshelwe icala lokubulala umkakhe u-Gladys Manku kanye nomkhwekazi wakhe u-Letty Maphothoma.
Ubechazela inkantolo ngezizathu zokuthi kungani kufanele adedelwe ngesikhathi kulalelwe isicelo sakhe se-bail enkantolo i-Lebowakgomo Magistrate Court eLimpopo ngoLwesihlanu, mhlaka-28 Nhlangulana.
UManku ubekhuluma kanje efakazelwa inyanga yakhe abethwasa kuyo engakaboshwa. Le nyanga ithe kungenzeka into embi kuManku uma enganikwa nge-bail.
“Ngiyayinxusa inkantolo ukuthi imdedele ngaphansi kwesandla sami ngoba kunamathizethize amayelana nokudla kanye nokugqoka okumele akulandele njengoba ngimthwasisa nje”, kusho inyanga.
Umshushisi wombuso u-Adv. Prince Mola ubuze inyanga kaManku ukuthi inazo yini iziqu zalo msebenzi ewenzayo wokunyanga, yecela izitifiketi nokuthi iyazi yini ukuthi liboshelweni ikhasimende layo.
Inyanga iphendule umshushisi yathi ayazi ukuthi imaphi amacala abekwe wona uManku ngoba lokho akuhlangene nomsebenzi emenzela wona. “Angizange ngimbuze ngalokho ngoba akukho okungihlanganisa namacala kodwa mina ngisebenza ngobizo”, kusho inyanga.
Inyanga iqhubeke yathi njengezinyanga abawabuzi amakhasimende abo ngamacala nokuthi ngabe afunwa amaphoyisa yini.
Ukulalelwa kwesicelo sakhe se-bail bekuqhubeka lonke leli sonto kanti emaphuzwini awabekile uManku uthe izingane zakhe zike zamvakashela esesitokisini zithi isimo sinzima ekhaya, i-Eskom seyivale ugesi njengoba ungasakhokhelwa. Uthe izingane zakhe ziyamdinga.
NgoLwesihlanu uveze iphuzu lokuthwasa ukuthi kuyaphazamiseka njengoba evalelwe. Uthe kunamathizethize okumele awenze usuku nosuku njengoba ethwasa manje konke lokho kuyaphazamiseka, kanti kungaholela ekutheni amadlozi akhe acasuke agcine ngokumsanganisa ikhanda noma ambulale.