Izindaba

Umndeni Ucela Ibekwe Emthandazweni Indodakazi Ka-Winnie Khumalo Edle Ubuthi

Umndeni wesihlabani somculi wakuleli, u-Winnie Khumalo ucela ukukhulekiswa emuva kokuba indodakazi yakhe uRethabile ilaliswe esibhedlela ngenxa yokudla ‘okuthile’ okusolwa ukuthi bekunobuthi. Kuthiwa sekuphele izinsuku eziyisithupha indodakazi ka-Winnie idle ubuthi okusolwa ukuthi ibudliswe umngani wayo.

U-Winnie ubhale ekhasini lakhe ku-Instagram echaza ngosizi indodakazi yakhe ekulo selokhu idle ubuthi, waphinde waveza ukuthi isihlinzwe kwaze kwaba kathathu ngenxa yalokhu.

“Sekuphele izinsuku ezine manje elele esibhedlela, ngibone kukuhle ukuthi ngazise abalandeli bakhe ukuthi kwenzakalani. Usehlinzwe kathathu manje. Sithemba ukuthi u- @rethabile_rsa uzolulama ngokushesha, kodwa okwamanje izinto azihambi kahle. Kusinda kuyehlela.

“Uma nikhuleka, ngicela nimbeke emthandazweni yenu umtanami. Kunzima ukuba umzali”, kusho u-Winnie.

Kunenye i-post ayifakile futhi u-Winnie lapho ebenxusa uRethabile oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27) ukuthi alwe, asale esenzela umfana wakhe omncane.

“Ilwa, umfana wakho uyakudinga. Sonke siyakudinga”, kusho yena.

URethabile wodumo lwengoma ethi Umlilo ayenze no-DJ Zinhle uzalwe eSoweto ngo-1996 kanti uf e-National School of the Arts (NSA) nokuyilapho ikhono lakhe lokudansa nokucula ligqame khona. Ubesejwayele ukubonakala nonina u-Winnie benandisa emicimbini emikhulu.

Umndeni wakhe ukhathazeke kakhulu ngendodana yakhe njengoba isawusana nje. Ucele umphakathi ukuthi uqhubeke nokubabeka emthandazweni.

U-Winnie uthe sekuvulwe icala emuva kwalesigameko sokudliswa kwendodakazi yakhe ushevu, waphinde waveza ukuthi inakekelwa odokotela abanongcweti.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.