Ukhala Ngama-Ex Athakatha Intombi Yakhe Umculi
Ubezitshela ukuthi uma ethola uthando olusha izinto zizohamba kahle uStephen Zulu ‘SMezi’ Shongwe ongumculi we-afropop kodwa kubukeka sengathi kuya ngokuya kuba nezinkinga kakhulu. Lokhu kudalwa ukuthi abesifazane abethandana nabo bamise kabi isithandwa sakhe esisha uPalisa Setona.
Utshele UMKHAYA ukuthi ngaphambi kokuthandana noPalisa kube nabesifazane athandane nabo futhi abebaphatha kahle bonke.
“Kodwa angizange ngithandane nabo ngesikhathi esisodwa. Intombi yokuqala engithandana nayo kubo bebangangithandi ngoba ngangingasebenzi futhi ngingenamali.
“Ngaleso sikhathi bengingeyena umculi. Yize yona beyingithanda, kubo benze konke ukusehlukana nayo baze bayitholela umuntu osebenzayo yahlukana nami”, kusho uSMezi.
“Intombi yesibili, sithandane kahle kungenazinkinga. Ngize ngaqala isitebele sami sokuqopha umculo i-Stebie Records, ilokhu ingeseka. Okungihlukanise nayo ukuthi ihushule isisu kodwa engikhohlisa ethi siphuphumile, naye akazi kanjani. Ngize ngathola esibhedlela ngabahlengikazi ukuthi isikhiphile isisu”, kusho yena egcizelela ukuthi ube esehlukana nayo ngenxa yamanga.
Uthe esehlukene nabo bobabili laba besifazane, ube esethola isithandwa esisha, uPalisa kanti sekuzoba ukuqala kwezinkinga zakhe.
“Ngithe sengihlukene nalezi ntombi zami ngathol uPalisa Setona engithandana naye manje. Kuthe kusekuhle, kwaqala izinkinga yokuphelelwa imali futhi kuba nezinkinga ebudlelwaneni kwami noPalisa. Ngibone abantu abelaphayo ngesintu ngenhloso yokuthola ukuthi zidalwa yini lezinkinga, bangitshela ukuthi kuhlangene nobuthakathi”, kusho uSMezi.
Uthi umelaphi aya kuyena wageqa amagula ngokuqhubeka empilweni yakhe. “Wangibuza ukuthi ukhona yini owesifazane engimephule inhliziyo? Ngasho ukuthi, cha akekho. Wabe esthi ubona abesifazane ababili abangigezela imali futhi bangidlisa imithi ukuze ngingabi namali ukuze ngibalekelwe uPalisa”, kusho yena.
Uma eqhubeka uthi akugcinanga lapho njengoba eye komunye umelaphi ukuze aqinisekise lokhu akuzwe ngomelaphi wokuqala. “Lona wesibili ungibuze ukuthi kukhona yini impahla yangaphansi eke yangilahlekela, nebala ngavuma ngoba ngike ngalahlekelwa impahla yami yangaphansi. Washo futhi ukuthi yathathwa omunye umuntu wesifazane ebengithandana naye”, kusho uSMezi.
Uthe uyasola ukuthi laba neza lokhu ngoba basafuna ukubuyela kuyena njengoba izinto zakhe zihamba kahle.
“Lona wokuqala uhambe ebuza kubantu abasondelene noPalisa ukuthi sisathandana yini futhi bayasho ukuthi uthi ufisa sihlukane ukuze ngizobuyela kuyena. Owesibili yena, uhlezi ethumela abantu ukuthi babheke ukuthi ngikuphi futhi nginobani. Uhlezi ezikhathaza ukuthi kwenzakalani ngami”, kusho uSMezi.
Uthi ugcine ekhipha ingoma eyi-EP ethi SMezi Ka Palisa ngenhloso yokuthi akhulume ngosizi nezinselelo ake wabhekana nalo, ikakhulu lezi ebezidalwa izintombi zakhe ezindala.