EzosaziwayoIzindaba

U-DJ Sox Nomkakhe Bazogubha Iminyaka Engama-20 Emshadweni

Kuyivela kancane ukuthi abantu abangosaziwayo behlale isikhathi eside emshadweni ngenxa yezingxabano ezidalwa ukuba matasa namanye amathizethize ayamelene nendima yezobumnandi. Nokho akunjalo kuMbuso ‘DJ Sox’ Sokhela njengoba ezogubha iminyaka engamashumi amabili (20) esemshadweni nomkakhe, u-Gloria Bluebird.

U-DJ Sox useneminyaka eminingi esendimeni yomculo emkhakheni wokuklwebha amatafula. Udume ngezingoma ebezishisa izikhotha kule minyaka edlule ezithi Umsindo, Uyisholo Wena, Zi-Right i-Girlz nezinye.

Lo DJ nomkakhe ngaphambi kokuthi beshade besebethandane iminyaka emibili, kwaze kwafika isikhathi sokuthi bethembisane umshado ngo-2009. Bagcine bebophe ifindo likasofa silahlane ngo-2017, emshadweni owawusezingeni eliphezulu e-The duBoirs Boutique Logde eThekwini.

U-DJ Sox ukhulume nephephandaba elibhala ngesingisi i-TimesLive wathi: “Ngicabanga ukuthi ngaba nenhlanhla ukuthi ngithole unkosikazi okahle, ozinzile futhi wenze kwalula kimi njengendoda eshade isemkhakheni wezobumnandi. Ngaba nenhlanhla ukuthi ngimthole sisebancane kakhulu futhi singenalutho sobabili kodwa sakhula kanyekanye. Ngakho uyawuqonda umbono enginawo namaphupho ami, njengamanje sihleli kahle sithokozela ukubona amaphupho ethu ephumelela”.

Uthe ukuxhumana ikhona okuqinisa umshado wakhe, wengeza ngokuthi baphila ngomthetho weBhayibheli othi indoda iyothanda umkayo, unkosikazi uyohlonipha indoda yakhe.

“Amaseko amise umshado wethu ukuxhumana, kukuhle kukubi uhlale enami. Sijabule ukuthi sizuze izinto eziningi ndawonye, Uhleze engeseka, futhi lokhu kubonakale singakabi nalutho”, kusho u-DJ Sox

Uzoqhubeka nakulonyaka enze i-Any Given Sunday eyingxenye yemicimbi ye-Durban July ezoba se-Oceans Mall eMhlanga. Lo mcimbi u-DJ Sox uqale ukuwenza ngo-2019 kanti owakulonyaka uzoba mhlaka-2 Ntulikazi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.