Usaziwayo Uthi Uyawathanda Amadoda Kodwa Akanendaba Nemali Yawo
Unontandakubukwa odume ezinkundleni zokuxhumana, u-Cindy Makhathini uthi uyazifela ngamadoda akuleli kodwa akanendaba nemali yawo. U-Cindy udume ngokubhala izinto ezishiya abantu bebambe ongezansi emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana.
Ekhuluma kwi-podcast uphinde waveza ukuthi akabathandi abesilisa abangamaZulu. ” Angijoli namadoda angamaZulu ngoba ngiyazi ukuthi anjani, nami ngingumZulu, sengenele ibona. Angibafuni futhi abamhlophe, ngithanda abesilisa bakuleli hhayi laba base-Afrika. Kodwa ngithanda amadoda aseNingizimu Afrika kakhulu, ngiyazi ukuthi banezinselelo eziningi kodwa ngiyathanda ukuzama okuthile nabo”, kusho u-Cindy.
Uthi akayona intombazane ehlupha ngemali futhi mayethandana nomuntu akanendaba nokuphiwa imali.
“Uma kwenzeka ngicela imali kumuntu wesilisa kusuke kukhona okuphuthuma ngempela. Angiyiceli imali encane mina, ngingafuna imali endodeni makuthiwa hlampe ngifuna ukuqala ibhizinisi. Nakhona kumele ngifike sengibhale zonke izinhlelo ephepheni. Ngeke ngivele ngicele imali nje kungonakele lutho.
“Uma uke wanaka, angizigqoki mina izimpahla ezibizayo. Ngakho kumele umuntu azi ukuthi mangifuna imali ngisuke ngiyifuna ngempela”, kusho u-Cindy.
Le ntokazi engeyokudabuka eThekwini yengeze yathi yona ayizwani nokuhambe izihlangani namantombazane adumile kuleli, kodwa uthanda ukunaka abangani bakhe beqiniso. Hhayi ukuthi unenkinga nabo kodwa bakhona labo okuhlalekayo nabo.
“Sengibone kaningi abantu abebebizana ngabangani kuphela konke okusuke kubahlanganisile, manje angifuni ukuzithola ngisesimeni esifanayo. Akekho umuntu odumile esengike ngaxabana naye ngoba ngiyaqinisekisa ukuthi angisondelani nabo. Uma uba nomngani odumile kuyazenzekela nje ukuthi nizithole seniqophisana futhi nincintisana”, kusho u-Cindy.
U-Cindy unesicubu esiwumfakelwa i-Brazillin Butt Lift (BBL) asengeza ezinqeni ukuze abukeke epakishile. Uthi uzizwa enokuzethemba emuva kokufaka lesi isinqe sokwengezwa ahlanganise imali engu-R600 000 ukuze ahlinzwe ngempumelelo.

Isithombe: U-Cindy Makhathini etshengisa ngobuhle bomzimba wakhe
“Ngizizwa nginokuzethemba ngoba sengilungise into ebengibona ingalungile ngami. Sikuphi isizathu sokuthi ulungisa into kodwa uphinde ungazizwa ukahle. Ngikulungisile obekungenza ngingazethembi futhi umndeni wami awuzihluphi nokungibuza ngalokho”, kusho yena.