Imibono

Ungavumi Ukulahlekelwa Inhlonipho

Inhlonipho iyisisekelo esibalulekile empilweni. Iminyango eminingi eyoletha izibusiso empilweni yomuntu ivulwa ukuthi umthatha kanjani omunye umuntu. Omunye umuntu kuye kuthi uma esezingeni elingcono kunelabanye bese ebabukela phansi. Imali, amandla, isikhundla, uthando olusha kungezinye zezinto ezimshintsha ngendlela yokuthi ababukele phansi abanye abantu abathathe isinoma kanjani. Uma lezizinto zikufice untekenteke ngokomqondo inhlonipho ivele ibaleke. Okunye okumele sikucacise ukuthi inhlonipho ayisibona neze ubugwala kepha ingukumazi omunye umuntu. Inhlonipho iqala ngokuthi uzihloniphe wena ngaphambi kokuthi uhloniphe noma uhlonishwe abanye abantu.
Inhlonipho uyifunda ekhaya nakubantu ophila nabo. Kumele uyiqaphele into oyikhulumayo nendlela owenza ngayo izinto. Lesabe ihlazo.


Kubaluleke kakhulu ukuthi uyamazi yini omunye umuntu ngoba ukuzithoba nenhlonipho kuwuphawu oluhambisana nobuNkulunkulu.


Imfundo ayibe yisibani sokukhanyisa empilweni yakho nalabo osondelene nabo. Isikhundla akube esokufukula labo obaholayo ubahole ngokuyikho. Imali ingeyakho isebenzise ukuzisiza noma usize obathandayo. Ungabukeli phansi abayeswele. Kubuhlungu ukubona umuntu omdala ekhacwa yingane ngoba nakhu inemali okanye ifundile. Ungazikhukhumezi. Zethembe kodwa ungabi undlovu kayiphikiswa. Ungaphakami ngokugxoba emakhanda abanye. Ungafuni ukukhanyisa isibani sakho ngokucima ezabanye.


Abantu bajabuliswa kakhulu ukuthi ubenze bazizwa kanjani.


Kuyenzeka uthole ukuthi uxakekile weswele okuthize bese izinhliziyo zabanye abantu zithanjiswa ukuthi uyahlonipha, bese belula isandla bekusize. Inhlonipho ibaluleke kuzozonke izingxenye zempilo. Othandweni, emsebenzini, emndenini, empeleni yonke indawo masihloniphaneni. Kunezinto eziyosilahlekela uma inhlonipho singenayo kanti ziningi izibusiso esozithola uma inhlonipho ihamba phambili ezimpilweni zethu.

UJehova anibusise.

Boni Mahlinza

*UBoni Mahlinza ungusomabhizinisi, umbhali wencwadi ethi ‘Don’t Die In The Cage’ nomqeqeshi wempilo

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.