Izindaba

Umlingisi We-Skeem Saam Uthi Usekwamukele Ukuthi Uyise Wabulala Unina

Umlingisi womdlalo oboniswa ku-SABC 1 i-Skeem Saam, u-Amanda Manku uthi uzithole ephoqelekile ukwamukela ukuthi unina kasekho futhi ukufa kwakhe kwahlelwa uyise. U-William Manku ongubaba walo mlingisi odlala indawo ka-Dr. Elizabeth Thobakgale ku-Skeem Saam wakha itulo lokubulala umama ka-Amanda ehlangene nentombi yakhe uNonhlanhla ngubo.

U-William noNonhlanhla baboshelwa icala lokubulala umama ka-Amanda, u-Glady’s Manku kanye nogogo wakhe u-Lettie Maphuthuma ngoMasingana 2024 ababulawa ngokudutshulwa ngomhlaka 4 Nhlaba 2021 eMakgophong village eZebedlela.

U-Amanda uthi akukho abezokwenza bekuphoqa ukuthi amukele ukuthi umama wakhe akasekho futhi ubaba wakhe owayeyiphoyisa waba nesandla ekufeni kwakhe.

“Kuningi okwenzeka empilweni yami njengamanje. Ukube angizange ngiqine ngabe ngashona phansi kakhullu, manje akukho engingakwenza. Angikwazi ukukhetha ukuba buthaka, akufanele ngibe buthaka. Kumele ngiqine.

“Kunezinto ezinzima kakhulu engaziyo ukuthi abantu bayazazi ngoba bezisemehlweni, njengokulahlekelwa abazali bami, nobuhlungu engabhekana nabo emuva kwalokho kodwa kufanele impilo iqhubeke”, kusho u-Amanda.

U-William, Nonhlanhla nenkabi u-David Khoza baboshelwe amacala okwenza itulo lokubulala, ukuzama ukubulala, amabili okubulala, ukubalekela ingalo yomthetho kanye nokuphanga.

Ubaba ka-Amanda uvele enkantolo i-Lebowakgomo Magistrate Court ngoLwesibili njengoba bekuyolalelwa isicelo sakhe se-bail.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.