Izindaba

Ugxeka Uhulumeni We-GNU UMzwakhe Mbuli

Imbongi ephinde ibe isishoshovu somzabalazo uMzwakhe Mbuli usephefumule esebenzisa ubuciko bakhe ngohulumeni wokubambisana obizwa nge-Government of National Unity (GNU). Uhulumeni we-GNU wakhiwe amaqembu ezepolitiki ehlukene emuva kokuba lingekho iqembu elithole umphumela ongalenza liphathe uhulumeni lodwa emuva kokhetho obelungo mhlaka-29 Nhlaba.

UMbuli ukhiphe ingoma lapho ehlaba ehlikiza lo hulumeni wobumbano oholwa i-ANC, okuyiyo ethole amavoti amaningi kunamanye amaqembu.

Le ngoma edlala imizuzu emithathu nezigamu ezingamashumi amabili nesikhombisa (03:27) ibhekiswe ngqo eqenjini i-ANC, njengoba uMbuli elibiza njengeseliphelelwe ushatini futhi ethi alisenakusasa.

UMbuli uthi lo hulumeni owokujikela abantu, nakubize phecelezi ngokuthi ‘government of national U-turn’. Uthi umshado lona abangene kuwo angeke bekwazi ukuwuchaza.

Le mbongi eke yaboshwa ngamacala aphathelene nomzabalazo wabantu ithi i-GNU inhlanganisela yezithembiso ezephuliwe, ukukhohliswa kwabavoti kanye nokubukelwa phansi kwabo.

Wengeza ngokuthi lo hulumeni owobumbano lwamanga, kusukiwe kulokhu obekufunwa abantu, kwalaxzwa kanjalo. Uthi umzabalazo usulahliwe, abantu bafakwa ipolitiki eyize, benziwa abantu abangakwazi ukusebenzisa umqondo.

Kule ngoma kuzwakala iqembu lezimfiliji i-Soweto String Quartet, izinsimbi zalo zidlalela phansi iculo lesizwe lakuleli elithi Nkosi Sikelela I-Afrika.

Kuyona le ngoma uMbuli uthi ngaphansi kwalo hulumeni alikho ikusasa, alikho izwi labantu, akukho thuba lokuxoxisana nabo futhi akunambono.

“Abaholi baphumile kubantu, abazi ukuthi kwenzakalani ekuhlaleni. Baphenduke osopolitiki abakhokhelwayo, baphenduke ophoyizeni”, kusho uMbuli.

UMbuli uke waboshwa iminyaka eyishumi nantathu (13) ngecala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe ngomhlaka-28 Mfumfu 1997. Utholwe engekho msulwa kuwona onke amacala abebekwe wona, wagwetshwa ngoMbasa 1999 emuva kokuqulwa kwecala elidonse unyaka wonke e-Pretoria Magistrate Court.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.