U-DJ Uphika Eyokuhlobana Nesikhulu Se-IEC Esiboshelwe Inkohlakalo
U-DJ Tumelo ‘DJ Melzi’ Mphai uphika amahlebezi okuthi uhlobene nesikhulu se-Independent Electoral Commission (IEC) esiboshiwe, uDkt. Nomsa Masuku. UDkt. Masuku uboshwe ngesonto eledlule emuva kokuvela kwemibiko ethi usolwa ngenkohlakalo ayenza esasebenza ebhange i-Standard Bank lapho esebenzise imali engu-R1.2 million ngendlela engafanele.
Kuthiwa uDkt. Masuku wathatha imali okwakumele ingene esikhwameni esisiza abafundi i-Adopt A School Trust, yena wayifaka kuma-account ezihlobo zakhe kuhlanganisa nabashana abakhe ababili. Uboshiwe, waphuma nge-bail ka-R20 000.
Ezinkundleni zokuxhumana kukhona abantu abathi u-DJ Melzi uyena esinye isihlobo sikaDkt. Masuku esahlomula ngokungafanele kulesi sikhwama kodwa yena uyakuchitha lokho. Abanye bathi uyindodana yakhe futhi wasizwa uyena ukuthenga imoto i-Mercedes Benz ebiza R4.3 million.

Isithombe: Enye yezimoto zakwa-Mercedes Benz okuthiwa eka-DJ Melzi
“Lamahlebezi akhulunywayo kuthiwe ngihlobene noDkt. Masuku awalona iqiniso futhi anenhloso yokudukisa. Ngifisa ukucacisa nje ukuthi akukho okungihlanganisayo noma ubudlelwano enginabo noDkt. Masuku futhi asihlobene nhlobo.”, kusho lo-DJ.
U-DJ Melz uthe abazali bakhe bangabantu abangathandi ukugqama futhi ucelwa behlonishwe.
“Ngifuna ukusho ukuthi abazali bami abayithandi itno ebafakela amehlo, ngakho ngicela behlonishwe bengafakwa ezingxoxweni eziqhubeka ezinkundleni zokuxhumana”, kusho lo-DJ.
U-DJ Melzi oneminyaka engamashumi amabili nantathu (23) ushuthe cishe zonke izithombe ezisezinkundleni zokuxhumana emi eduze kwezimoto zakwa-Mercedes Benz eziwuhlobo oluhlukene, okungazeki noma ezakhe zonke yini.

Isithombe: I-screenshot esiveza inqwaba yezithombe u-DJ Melzi emi eduze kwezimoto zakwa-Mercedes Benz
Uzalewe e-Kuruman esifundazweni i-Northen Cape kanti uqale ukufunda ukuhlanganisa umculo njengo-DJ esaneminyaka eyisithupha (6).
Imali eningi uyithola ebhizinisini lakhe elihwebayo elidume nge-forex aphinde abe nezakhiwo aqashise ngazo kuleli. Unenhlangano engenzi nzuzo i-Melzi Foundationa elula isandla kwabaswele.
Abasondelene naye bathi ujola nomlingisi womdlalo oboniswa ku-SABC 1, i-Skeem Saam u-Lethabo Mekoa odlala indawo kaNtswaki.