EzosaziwayoIzindaba

Indodakazi Ka-AKA Iqokwe Kuma-Awards Odado Omhlaba Wonke

Indodakazi yomculi ongasekho u-AKA, ayizala no-DJ Zinhle, u-Kairo Owethu Forbes iqokwe kumncintiswano wezindondo obizwa nge-Nickelodeon Kid’s Choice Awards. U-Kairo uqokwe emkhakheni we-Favourite African Kidfluencer kulo mncintiswano wezindondo osekungowamashumi amahlanu nane (54) kulonyaka.

Abanye asebeke bahlonishwa kulo mncintiswano osungulwe ngo-1988 ngo-Tyla wakuleli bese abaphesheya kube o-Beyonce, Card B, Barbie, Taylor, Swift, Christiano Ronaldo no-Lebron James.

U-Kairo unebhizinisi lobucwebe obuqanjwe ngaye kanti ungenye yezingane ezinemali enkulu kakhulu egcinwe ebhange. Unekhasi le-Instagram elilandelwa abantu abangu-15 million kanti igama lakhe lakhe lingelinywe kwathandwayo kuleli.

“Ukuhluka kanye nokunotha kwethalente lase-Afrika kuyaqhubeka nokuvelela enkundleni yomhlaba” kusho u-Dillon Khan ongusekela-mengameli we-Paramount Africa for Comedy Central Africa, Nickelodeon and Creatives Services.

Eqhubeka u-Khan uthe: “Ukuqokelwa kuka-Kairo ku-Nickelodeon Kid’s Choice Awards kuwubufakazi bokugqama kwethalente nekhono lezwekazi lethu futhi siyaziqhenya ukutshengisa lamathalente emhlabeni wonke”.

Umcimbi omkhulu wokumukelisa izindondo uzoba ngomhlaka-14 Ntulikazi 2024 ngehora lesibili ekuseni ngesikhathi sase-Africa emaphakthi.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com