Indodana Ka-Robbie Malinga Iphumela Obala Ngempilo Yayo
Indodana ka-Robbie Malinga, u-Robbie Malinga Jnr. ithi akukho ukuphumela obala okwedlula lokhu ekwenze kuqoshwa iziqephu zohlelo oluboniswa ku-Showmax, i-Born To Fame. Lolu hlelo lulandela impilo yezingane ezizalwa osaziwayo ezifana nezi-Authur Mafokate, u-AJ no Owami Mafokate, uPhila Madlingozi ozalwa u-Ringo Madlingozi, uShamiso Mosaka ozalwa u-Azania Mosaka neka-DJ Tira u-Tank The Rockstar.
“Ngadedela konke ngesikhathi kuqoshwa lolu hlelo, angikaze ngivuleleke kanje ngempilo yami. Ngangingalingisi, ngangingenzeli uhlelo. Engangikusho yilokhu engiyikho. Ngiwuhlupho, kwesinye isikhathi ngiwumuntu ozwelayo. Ababukeli bazokubona lokho.
Abantu bazobona iziqephu lapho ngivela khona nomndeni. Kukhona engiziqophe nobaba kababa, umalume, umama nodadewethu. Abantu bazobona nqo lokhu esiyikho”, kusho u-Robbie Jnr.
Yize abantu abaningi bembiza nge ‘danone’ kodwa uyise uthi ayikho namuhla kwaba intando kaNkulunkulu. “Ngingathi ukuzalwa emndenini wosaziwayo kuyinto oyiphiwayo ngoba akuvamile, kuyisibusiso futhi kukusiza ukuthi amaphupho akhe asheshe afezeke”, kusho u-Robbie Jnr.
Uthi ukuzalwa emndenini onomuntu odumile akazikhethelanga.
“Isibusiso nje lesi engingazikhethelanga sona. UNkulunkulu ongibusisile ngaso, kodwa kufuneka nami ngiqhamuke nengifuna ukwaziwa ngakho. Kufanele kube nomsebenzi engiwenzayo. Ngeke ungene ngaphansi kodumo lwabazali nempumelelo yabo. Ubaba bedumile futhi lokho kuhle. Ngingakwazi ukusebenzisa udumo lwakhe ukuthi nami ngivelele.
“Ake sithi khona engifuna ukukwenza, kunabantu aabasondelene naye esengingakwazi ukubasebenzisa ukuthi nami ngizuze engikufisayo empilweni. Kunabantu osekulula ukuxhumana nabo ngoba bazi yena”, kusho u-Robbie Jnr.
Uthe uyezwana kakhulu nobaba wakhe. “Ngiwumuntu oxhumene kakhulu nobaba. Ngiyazithanda izinto ezinhle empilweni, njengoba nobaba wayezithanda. Wayethanda izinto ezinhle, nami ngibuke kuyena ukuthanda izinto ezikhala kahle. Bekuyinto yasekhaya nje ukuthanda izinto ezinhle.
“Bese kuba umama owumuntu ongathandi kwaziwe ngaye nokuthi uphila kanjani. Akasiye nje lowo muntu osezintweni”, kuphetha u-Robbie Jnr.