Impilo Imfundise Ukuzimela U-Monica Khathi We Sakha Isizwe FM
Umphathi wezinhlelo emsakazweni womphakathi iSakha Isizwe FM, uNks. Monica Khathi uthi izehlo ezimehlele empilweni yakhe zimfundise kabuhlungu ukuthi azimele njengomuntu wesifazane, anganciki kubantu kakhulu.
Le ntokazi oyizwa ngisho ukhuluma nayo ukuthi iyazazi ukuthi ifunani empilweni ithe inezinhlelo ezinkulu ngekusasa lalo msakazo esebenza kuwona. Ithi ifisa iSakha Isizwe FM, enamahhovisi eLovu ibe isiteshi esizwakala emsakazweni futhi silalelwe abantu abaningi njengoba okwamanje sisadlala ku-internet kuphela.
UNks. Khathi oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili (28) uzalelwe endaweni yase-Ilfracombe lapho afunde khona amabanga aphansi eDlambula Primary School. Uqhubekele eDanganya Primary School eyokwenza ibanga lesihlanu, wabe esenza ibanga les-6 nelesi-7 eSheshisa Senior Primary School. Amabanga aphezulu uwenze eSidelile High School.
Utshele UMKHAYA ukuthi ukhule ngaphansi kwezimo ezinzima njengoba eke wahlukunyezwa ngokocansi.
“Okwami ukukhula akufananga nezinye izingane, kuthe ngineminyaka eyishumi (10) kwadlula umama emhlabeni. Emuva kwalokho ngithole ukuhlukumezeka ngokocansi iminyaka ilandelana. Lesi simo sidale ukuthi ngingangakwazi nokudlala nezinye izingane okwagcina kuholele ekutheni ngibe nokhwantalala ngaze ngangaphumelela kumatikuletsheni.
“Ukungaphumeleli umatikuletsheni kungenze ngaphelelwa ithemba empilweni ngaze ngazama nokuqeda ngempilo yami kodwa uNkulunkulu akavumanga ngoba ebona ukuthi kusakuningi okumele ngikuphilele.”, kusho uNks. Khathi.
Uthe ngesikhathi elele embhedeni esibhedlela ube nethuba lokuzifuna ukuthi ungubani futhi yini inhloso yakhe ngokuphila emhlabeni. Nokho ulutholile usizo olukwaze ukumakha njengomuntu wavuka wazicosha.
“Kuthe ngisesibhedlela ngathola usizo lokululekwa ngokomqondo ngathola nethuba lokuba ngilungise umatikuletsheni wami. Ngibe nenhlanhla ngathola i-learnership kwenye yezinkampani ezinkulu i-SAPPI Saiccor Skills Centre lapho engenze khona i-Basic Handyman Electrical Engineering”, kusho yena.
UNks. Khathi utshele UMKHAYA ukuthi isikhathi esiningi ubesichitha eyedwa nokwamnika ithuba lokulalela kakhulu umsakazo futhi ebukela umabonakude. “Njengoba ngangihlezi ngavaleleke endlini ngangilalela kakhulu umsakazo futhi ngibukela umabonakude, nokuyilapho ngakheleka uthando lokuba umethuli wezinhlelo zomsakazo kanye nomabonakude.

Isithombe: UNks. Monica Khathi ephethe uhlelo komunye wemicimbi yalomsakazo
Uthe abasakazi abamkhuthazile ukuthi abe nentshisekelo kulo msebenzi wokusakaza oBonang Matheba, Pearl Modiadie kanye noLinda Sibiya. “Indlela ababenza ngayo umsebenzi yayenza ngifune ukuba la bekhona ngibe labantu nami, ngiphinde ngibone usuku lomunye lomuntu lumnandi ngenxa yami”, kusho uNks. Khathi.
Ebuzwa UMKHAYA ukuthi uzibona ekuphi eminyakeni emihlanu ezayo uthe ufisa ukuzibona esakaza kuso lesi siteshi kodwa sesikhulile sathola ne-frequency ukuze silalelwe yiwo wonke umuntu ngoba kuningi esikwenzela umphakathi. “Ngingakuthokozela futhi ukuba kumabonakude ngiphethe ezinye zezihlelo ezinkulu”, kusho yena.
Njengoba izwe libhekene nenselelo yabantu abasha abaningi abangasebenzi uthe ufisa babheke okungaphezulu nje kokufesa belindele ukuqashwa kuphelele lapho. “Ngikholelwa ekutheni lamathalente asinawo hleze yiwo ayisinkwa sethu esingaphila ngaso”, kusho uNks. Khathi.
Utshele UMKHAYA ukuthi ukuba umsakazi esiteshini aphinde abe umphathi kwenza kube lula ngoba uyazazi futhi uyaziqonda izinto ababhekana nazo ngoba naye udlulile kuzona futh ezinye usabhekana nazo kanye nabo.
“Ngisebenze kuMdoni Community Radio (MCR) njengomsakazi, nakwiSakha Isizwe FM engisebenza kuyona manje njengomsakazi, ngiphinde ngibe sethimbeni lezokukhangisa emsakazweni”, kusho uNks. Khathi.
Uthe ungumphathi wezinhlelo wokuqala wesifazane kuso lesi siteshi kanti kukhona nohlelo lukamabonakude aluqophayo i-Gospel Tunes ezobonakala ku-StarSat ku-channel 504.
“Impilo ingifundise ukuzimela njengomuntu wesifazane nokuthi akekho umuntu noma isimo esingavimba amaphupho onawo ngempilo”, kuphetha uNks. Khathi.
ISakha Isizwe FM itholakala kule-link: https://zeno.fm/radio/sakha-isizwe/