Izindaba

Akalona Ilungu Lephalamende Lakuleli UPhindi Gwala

Kube nokudideka kwabaningi bebona umlingisi odumile futhi oke walingisa kuMuvhango, uPhindi Gwala enamalungu eqembu lepolitiki i-MK Party abezofungiswa ephalamende ngoLwesibili. Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu like lamemezela ukuthi ngeke libe ingxenye yokufungiswa kwamalungu ephalamende okwenzeke ngesonto eledlule.

I-Mk Party inamalungu angamashumi amahlanu nesishiyagalombili (58) anezihlalo ephalamende lakuleli kodwa imemezele ukuthi awayo awakazoya ephalamende ngoba ikholwa ukuthi khona okungalungile ngemiphumela yokhetho obelungomhlaka-29 Nhlaba.

Abantu abaningi bebesabalalisa izithombe zakhe [uPhindi] ezinkundleni zokuxhumana ekanye namalungu e-MK Party abeyofungiswa. Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebemangazwa nawukuthi abakaze bezwe ngisho kukhulunywa ngaye kubantu abangamalungu aleli qembu.

Inkampani ephethe izindaba zalo mlingisi ikhiphe isitatimende icacisa ukuthi yini ebeke lo mlingisi ephalamende.

“Sifisa ukucacisa ngokudideka okube khona ngezinto ebezikhulunywa futhi zisolwa. Umlingisi uPhindile Gwala ubephekezele u-Bishop Nokwethemba Mtsweni, oyilungu le-MK Party futhi ongumngani wakhe omkhulu nomama wakhe wezikamoya, kulo mcimbi wokufungisa ngenhloso yokumeseka.

“Nokho, sekufikile kithina ukuthi kunabanye abantu asebesabalalise ukuthi ubeya laphana njengomuntu oyofunga yena uqobo njengelungu lephalamende. Sifisa ukukubeka kucace ukuthi uPhindile Gwala ubengayile laphana ukuyofungiswa. Noma sikujabulela ukwesekwa nentshisekelo, sifisa ukuthi le ncazelo izwakale ukuze kugwenywe ukudideka kakhulu”, kusho isitatimende.

Igama lalo mlingisi aliveli ohlwini lamagama abaholi be-MK Party abebeyofungiswa ephalamende.

Omunye umthombo ophawulile ngokubonakala kukaPhindile ephalamende uthe abebesephalamende bebazi ukuthi uphelezela umngani wakhe.

“Udadewethu lo kuyaziwa ukuthi ubezokweseka umama wakhe wezikamoya, besazi ukuthi ukubonakala kwakhe kuzodala ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana. Asazi ukuthi kuzokwenzekani ngokuhamba kwesikhathi kodwa kusangenzeka izinto zishintshe uzwe sekuthiwa ujoyine iqembu”, kusho umthombo.

Isishoshovu se-MK Party uMoyo Siphiwe Emacous ukuphikile ukuthi uPhindi uzojoyinga i-MK Party. “Ukucacisa ngokubonakala kukaNks. P. Gwala ephalamende. Isitatimende siqonde ukucacisa ngokuba khona kuNks. Phindile Gwala ngesikhathi kufungiswa amalungu ephalamende mhlaka-25 Nhlangulana 2024. UNks. Gwala ubelaphana njengendodakazi yelungu elihloniphekile uMtsweni, ongumama wakhe” kubhala uMoyo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.