EzosaziwayoIzindaba

“USjava Intwana Yami” – Emtee

Kumangaze abaningi ukubona uMthembeni ‘Emtee’ Ndevu ebhale ekhasini lakhe le-Instagram ukuthi uJabulani ‘Sjava’ Hadebe intwana yakhe eqonde ukuthi ungumculi abambe elikhulu iqhaza ekutheni akhule emculweni futhi bake baphanta ndawonye. Uze wafaka isithombe bendawonye.

“USjava ubeyintwana yami siqala yonke lento”, kusho uSjava.

U-Emtee noSjava bahlangane eminyakeni edlule ezindlini zokuqopha e-Downtown i-Ruff, besahlanganisa umculo befuna amadlelo aluhlaza bobabili.

Noma izindlela zabo zingaqalanga ngesikhathi esifanayo kodwa bazithole sebehlangana ngoba bobabili bebefuna into eyodwa. Nokho izindlela zabo ziye zakhanya njengoba bobabili sebezuze lukhulu emculweni, banqoba nenqwaba yezindondo.

U-Emtee uthe ukushizila kwabo ngendlela efanayo futhi eyaze yabahlanganisa kwenze baba abantu abazwanayo kakhulu. Njengamanje laba bobabili sebahambele amazwe ehlukene ngomculo wabo futhi benza izinto ezinkulu ngokwebhizinisi lomculo.

USjava ungowokuzalwa e-Bergville, KwaZulu-Natali. Uke walingisa emdlalweni kamabonakude uthi uGugu and Andile.

Lo mculi wodumo lengoma ethi Mbayimbayi ayenza no-Big Zulu, useke wanqoba ama-Metro FM Music Awards, South African Music Awards kanye ne-DStv Viewers Choice Awards.

U-Emtee uke waba ilungu lekwaya esikoleni abefunda kusona lapho abengu mqondisi wekwaya osemncane nokuthe ngalowo msebenzi wazinqobela izindondo kumncintiswano wesifundazwe saseGauteng.

Uzalwe eMatatiele kodwa wakhulela e-Rockville eSoweto. Uqale ukungena emculweni eneminyaka eyishumi nesikhombisa (17) kanti i-album yokuqala uyikhiphe ngo-2005.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.