EzosaziwayoIzindaba

U-Jub Jub Uthi Kahlangani Namaqola Ezinkundla Zokuxhumana

Umculi ophinde abe ngumethuli wezinhlelo kumabonakude uMolemo ‘Jub Jub’ Moaarohanye useziqhelelanisile namaqola asebenzisa igamá lakhe ukuwaka abantu ezinkundleni zokuxhumana.

U-Jub Jub wenze i-video ekhasini lakhe le-Instagram lapho egeqe khona amagula enkulumeni abexwayisa ngayo abantu ngamaqola azenza yena amema abantu ukuthi bejoyine izinkundla zokuhweba ngemali.

“Sengizwile ngethimba engisebenza nalo ukuthi kunenqwaba yama-account ka-Facebook ne-Tiktok avuliwe, kusetshenziswa igama lami. Amaqola avula ama-account aziqambe ngegama lami bese emema abantu ukuthi bejoyine izinkundla zokuhweba ngemali.

Ngicela ningisiza ukulwa nalento yabantu abasebenzisa igama lami ukuwaka abantu bethi bazobandisela imali ngokuyizalisa, lento ingcolisa igama lami”, kusho u-Jub Jub.

Lo methuli wohlelo oludlala ku-Moja Love, Uyajola 9/9 uthe lama-account omgunyathi aseweqile umugqa njengoba sekunabantu abazenza yena asebephawule ngengozi okwalimala kuyona umculi u-Shebeshxt.

“Äkukho mina okungihlanganisa naleyonto futhi angikaze ngisho lutho. Anginawo umbono, angimazi nalo mfana ngoba angikaze ngihlangane naye futhi akekho umuntu okumele akuphawule kakhulu ngalokho ngoba sasingekho”, kusho yena.

U-Shebeshxt umculi waseLimpopo owalimala engozini yemoto eyadlula nomphefumulo wendodakazi yakhe. U-Jub Jub uthe akafuni ukuhlanganiswa nalama-account omgunyathi akhuluma ngezinto angazazi zokuhweba ngemali nangokulimala kuka-Shebeshxt.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.