EZIKAMABONAKUDEIzindaba

Owaduma kuZalo Uzokwethula Uhlelo ‘Lokupheka’ Amadoda

Umlingisi owaduma kuZalo uMondli Makhoba uzokwethula uhlelo oluzobe lucathulisa abesilisa ukuhamba indlela ebheke ebudodeni, nokubelapha kuzinselelo abahlangabezana nazo empilweni. Lolu hlelo oluzobizwa ngokuthi iVuka Mjita luzoqala ukuboniswa kuMzansi Wethu ngomhlaka-14 Ntulikazi.

Isithombe: Umfanekiso obonisa igama, usuku nesikhathi okuzongena ngaso uhlelo oluzothulwa uMondli Makhoba

IVuka Mjita izonika abesilisa abasebancane ithuba lokuzifuna ukuthi bafuna ukuba amadoda anjani futhi iyiphi indima abangayidlala emindenini yabo. UMakhoba yena uzobe ebacathulisa, ebanika namasu okumelana nezinselelo zempilo.

Kulolu hlelo kuzobe kunongcweti oyi-clinical psychologist aphinde abe umbhali, uThabang Tlaka ozobe ebambe iqhaza elikhulu ekwakheni abesilisa abasebancane ukuthi belungele indlela yokuzifuna, ukubhekana mahlanze nezinselelo zobusha, ukwesaba kanye nokuthola isibindi sokukhuluma iqiniso elizosiza ukubelapha amanxeba abawathole phambilini.

UMakhoba osedlala emdlalweni oboniswa kuMzansi Magic, iShaka Zulu uthe kuwumsebenzi wabo ukuthola ingqikithi yempilo kanye nesizathu sokuphila.

“Kuwumsebenzi wethu ukuthola ukuthi siphilelani, kunesithombe esikhulu kwesikuphilelayo kunalokhu esikucabangayo”, kusho uMakhoba.

Umqondisi we-Multichoice ophikweni lwezinhlelo eziphekwe ekhaya, u-Shirley Adonisi uthe lolu hlelo lusophe ukuhlomisa abesilisa abasebancane ngolwazi oluzobasiza ukusabalala ngokwempilo, ukwelapheka komqondo nokomphefumulo.

“Lolu hlelo lufana nokuba ingxenye yohambo lokukhulisa nokudodisa abantu abasha. Sibanika ithuba lokuthi besizakale ukuqonda, ukuvuthwa nokuthi belungiseke emqondweni.

Sithemba ukuthi lolu hlelo luzoba ngaphezu kwalokho kodwa luzoba uhlelo oluzonika amadoda ithuba lokuveza ubuthaka bawo futhi akhulume ngokuvuleleka”, kusho u-Adonisi.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.