Abazali Abadlale Indima Ekucijeni Ikhono Lokufunda Kubantwana
Ngu Sandile Khumalo
Ucwaningo olusanda kwenziwa lukhombisa ukuthi siyakhula isibalo sabantwana abangakwazi ukufunda noma ukufundela ukuqondisisa. Lolu cwaningo luyathusa kakhulu futhi kufanele lusivule amehlo njengabazali kwazise ukuthi enye yezimbangela zalokhu ukuzithela ngabandayo kwethu ekulekeleleni abantwana ukuba bakwazi ukufunda uma besemakhaya. Iningi labantwana ligcina ukufunda uma lisesikoleni. Ukufunda kuyikhono elibalulekile futhi okufanele ukuthi lithuthukiswe ngaso sonke isikhathi, yingakho kubalulekile ukuthi abazali bakuqonde ukubaluleka kokulekelela abantwana babo ekutheni bakwazi ukufundela ukuqondisisa.
Ikhono lokufunda lenza ukuthi abantwana bakwazi ukucabanga bajule ngalokho abasuke bekufunda baphinde bazinike nesikhathi sokuthi bakucubungulisise lokho abasuke bekufundile. Ngokwenza njalo bayakwazi ukuthi babe ngabantu ababuka izinto ngeso elibanzi futhi bangakwesabi ukuxoxa ngokuvulelekile ngalokho abasuke bekufundile.
Leli ikhono umuntu akwazi ukuthi aphile nalo ingunaphakade. Ligqugquzela ukuzethemba kanye nokukwazi ukukhuluma ngokungasabi uma kunezinkulumo-mpikiswano.
Abantwana mabangagcini ngokufunda izincwadi kuphela kodwa ziningi nezinye izinhlobo zemibhalo abangazifunda ukuze bathuthukise ulwazi lwabo. Abantwana banganikezwa amaphephandaba kanye namaphephabhuku ukuba bafundele ukuzijabulisa. Bangasebenzisa futhi amaselula kanye namanye amagajethi ezobuchwepheshe ukufunda izindaba ezinhlobonhlobo. Lokhu kwenza ukuba baphinde babe nolwazi oluthuthukile ngalokho okwenzeka ezweni.
Esikhathini samanje sesithembele kakhulu ezintweni zobuchwepheshe lokhu okwenza ukuthi singabe sisakubona ukubaluleka kokufunda. Isikhathi esiningi abantwana basichitha ezinkundleni zokuxhumana. Kuhle lokho kodwa-ke kunayo nemithelela emibi njengokuthi nje indlela okubhalwa ngayo kulezi zinkundla kwenza abantwana bagcine sebevilapha ukubhala amagama agcwele okwenza ukuthi bagcine bengasakwazi ukubhala nokufunda isipelingi esiyiso. Kubalulekile-ke ukuthi njengabazali siqinisekise ukuthi sigqugquzela uthando lokufunda ngokubagqugquzela ukuthi basebenzise wona la magajethi ukuthi bafunde baphinde benze izinto ezizothuthukisa ulwazi lwabo.
Masikhumbule ukuthi inselelo inathi, ngakho masibambisane nothisha ukusiza abantwana bethu ukuba bakwazi ukufundela ukuqondisisa. Ngaleyo ndlela sizobe sakha isizwe esinabaholi abanobuchule futhi abakwaziyo ukucabanga ngokujulile ngaphambi kokuthi bathathe izinqumo.
*USandile Khumalo ungumbhali wezincwadi zesiNguni, intatheli ezimele futhi wenza izifundo zobuntatheli i-Wits University