EzosaziwayoIzindaba

OweMafikizolo Emkhankasweni Wokuxwayisa Ngokungezwa

Umculi oyilungu leqembu le-afropop iMafikizolo, uNhlanhla Mafu usemkhankasweni wokuxwayisa abantu ngezinkinga eziholela kwisifo sokungezwa ezindlebeni esibizwa nge nosie-induced hearing loss (NIHL). Lo mculi uthi uqale lo mkhankaso ukuze asize abanye bangazitholi befana naye.

UNhlanhla obeshade no-TK Nciza ongusomabhizinisi ophinde abe uNobhala we-ANC eGauteng usanda kubhala emakhasini akhe ezinkundleni zokuxhumana eluleka abantu ngezinkinga zokungezwa, nokuthi imaphi amasu okuzigwema. Lokhu ubekwenza esebenzisa ongcwetkulo mkhakha.

Indima yezikaqedisizungu ingenye yezihlale zinomsindo omkhulu ngenxa yomculo okhalela phezulu emicimbini nasezindaweni zokuzijuxuza. Enye futhi indawo enomsindo omkhulu kuba isezimbonini ngenxa yomsindo obangwa imishini okusetshenzwa ngayo.

Emkhankasweni wakhe uNhlanhla uhambela nezindawo zokusebenza ezingamafemu njengoba ekholelwa ukuthi nazo zingaholela ekutheni abantu bebe nenkinga yokungezwa. Yena useneminyaka engaphezu kwamashumi amabili nesikhombisa (27) esebenza ezindaweni ezinomsindo omkhulu ngenxa yomsebenzi womculo awenzayo.

Uthe uqale ukusola ukuthi unenkinga yokungezwa kahle ngabo-2012 kuya ku-2013 kodwa enamahloni ukukhuluma ngakho. Njengamanje usenesibindi futhi akasenqeni ukuxwayisa abantu ngakho selokhu etholwe ngodokotela ngo-2012 ukuthi unalenkinga.

“Uma ungena emculweni akukho otshelwa ngakho ngezinkinga ezingadalwa umsindo omkhulu futhi akukhulunywa ngezinto zokuvikela izindlebe. Nginandise ezindaweni ezihlukene umhlaba wonke cishe iminyaka engaphezu kwamashumi amabili nesikhombisa (27) ezindaweni ezinomsindo omkhulu, kuma-stages, ezindlini zokuqopha, nalapho kulalelwa khona umculo. Zonke lezi ndawo umculo udlalelwa phezulu.

“Selokhu kuqinisekiswe odokotela ukuthi nginalesi sifo senginqume ukuthi ngiqale umkhankaso wokuxwayisa abantu ngaso. Ngikhuluma nabantu ezimayini, ezindaweni ezidlala futhi okukhulunywa ngazo ngomculo nasemafemini ukuze ngixwayise ngokubaluleka kokuzivikela ukugwema izinkinga zokungezwa.

“Muva nje ngisanda kumenywa kwi-Coal Safe Conference ebihlelwe i-South African Colliery Manager’s Association lapho bengithula inkulumo kwizithunywa ebeziyihambele, ngikhuluma ngokubaluleka kokuqaphela nokunakekela izindlebe”, kusho uNhlanhla.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.