Imibono

I-GNU Izohlahla Indlela Ebheke Ku-2026

Angiyena usopolitiki futhi angifuni nokuzenza umhlaziyi wayo, ngilunge khona la ebuntathelini.

Phakathi kwemigomo esifundiswa yona njengezintatheli ukubuka udaba macala wonke (objectively), ungabuki isayidi elilodwa.

Nakhu ke la ngiza khona, kule ndaba ye-Government of National Unity (GNU).

Uma sizoyibheka ngeso lepolitiki nokuthi sisuka kuphi siyizwe laseNingizimu Afrika asikwazi ukungakhali ngoba lesi sinqumo sibonakala sisibuyisela eGibhithe, ezweni lenhlupheko.

Insila yobandlululo sisayibona ezindaweni eziningi ezifana nasemaplazini, ezingxenyeni ezithile zase-Western Cape, South Coast KwaZulu-Natali nako-Free State.

Le-GNU ifike kabi singekayitholi inkululeko, yingakho sithunukala, sikhala ubumayemaye uma sesifakwa kuyona ngekhanda.

Thina sisagcwele izilonda, zisabhibha futhi zisekude ukuphola. Sisagcwele ameva ezinyaweni sidinga ozosibangula.

Asikwazi ukukhuluma ngenkululeko sibe sisaqashe emaflethini, singenamhlaba wokwakha nokulima.

Ngisho sesizamile ke sathenga okuyi-flat kodwa asikwazi ukuhlaba, asikwazi ukwenza amaladi, namajadu, asikwazi ukungcwaba egcekeni asikwazi kwenza lutho ngoba bakhona abanikazi bangempela balezi zindawo.

Sizwa ngabo ukuthi senzeni nini kanjani.

Yibona futhi abasitshelayo ukuthi silale noma sivuke nini. Uma nje sike sahleka kwabamnandi kukhona abacasukayo, basibizele amaphoyisa.

Asikwazi ukuthi sikhululekile ekubeni umnotho usaphethwe yidlanzana.

Kahle-hle thina la emazingeni aphansi besisahalalisela zona izikhulu zepolitiki nosomathenda ngethemba lokuthi ngelinye ilanga bayosikhumbula embusweni wabo.

Kodwa uma uzolubuka ngamanye amehlo lolu daba, ubhekane neqiniso, uzobona ukuthi enye into esifake kule-GNU yiwona uhulumeni kaKhongolose, wona lo esithi ngowabantu.

Esikhundleni sokuthi basikhiphe egibhithe bafike badek’ itafula badla nemindeni yabo thina saba yizethameli, silokhu siphonselwa amathambo.

Angithi bebenikezana amathenda bewo-comrade, bajike bangawenzi nalowo msebenzi. Esikhundleni salokhu babuye bazochomela thina esibabeke emandleni.

Namhlanje cishe siyavumelana sonke ukuthi kule minyaka engamashumi amathathu (30) asikaze siphume eGibhithe. Besilokhu sithenjiswa nje, sishaywa nange-emotional blackmaill kodwa kungenzeki lutho.

Yingakho ke sizithola sesiphakathi kwi-GNU.

Abantu ebesibathume ngokubethemba basijikele esiswini njengotshwala.

Behlulekile ukusilethela intuthuko, behlulekile ukudala amathuba emisebenzi, behlulekile ukusinika amanzi nogesi.

Kuyimanje iminyango kahulumeni ifana nefile. Izisebenzi zakhona azideleli zibuya ngokuzolala, futhi nempama ungayithola uma ungabhekile.

Uma ube nenhlanhla waqondana nomuntu ozoba nesineke kuvele kubhede yona ke imishini ibe-offline.

Masingayigxeki kakhulu ke i-GNU ngoba kungenzeka isikhiphe kulolu sizi lwaseGibhithe.

Lokhu ngikusho ngoba izowaphoqa amaqembu ukuba agadane. Akekho ozodla imali budedengu ngoba vele bazompimpana.

Iqembu neqembu lizophoqeleka ukuba likhombise abantu baseMzansi ukuthi lizimisele ngokusebenzela abantu.

Ukuzimisela kuzocaca kusukela manje ukuya ku-2026, okhethweni lomasipala.

Ngisho singadinwa manje kodwa kuyothi kufika u-2026 siyobe sesimbonile osebenzayo nongafuni ukusebenza.

Izinkinga nokunyundelana kumele sikulindele kodwa ekugcineni yimisebenzi ezokhuluma.

*UZama Nteyi uyintatheli ezimele, ungamlandela ekhasini lakhe lika-Facebook [Zamanteyi Nteyi]

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.