EZISEMATHENIIzindaba

UVusi Nova Uchitha Eyokudayiswa Kwempahla KaZahara

Umculi we-afropop obewumngani kaBulelwa ‘Zahara’ Mkutukana esaphila, uVusi Nova uyayichitha imibiko esisabalele ukuthi odadewabo badayisa yonke impahla yasendlini yakhe. UMKHAYA uke wabhala ngodaba obelusabelele kuleli sonto ukuthi odadewabo bakaZahara oBandezwa Mkutukana-Febana no Lumka Mkutukana sebefake endalini yonke impahla esendlini yakhe, kuhlanganisa nezindondo.

Isithombe: UZahara esaphila no Vusi Nova ngezikhathi zobumnandi

Kulezi mpahla okuthiwa bayazidayisa laba osofa, amatafula, ama-frigde, impahla yonke yase-bar, umabonakude nenqwaba yezinye izimpahla.

UNova uthe akusilo iqiniso konke lokhu. “Akulo iqiniso ukuthi umndeni kaZahara udayisa impahla yasendlini kanye nezindondo zakhe. Obani nje ongathenga lezi mpahla ezingamagugu akhe futhi zizodayiswa kanjani? Ayi khona abantu abamhloniphe, bamyeke alale ngokuthula”, kusho uNova.

UZahara obezigqaja ngobuzwe bakhe bokuba iMpondo, ushone elele esibhedlela i-Johannesburg Hospital ngoZibandlela 2023 emuva kokuxinwa ukugula amasonto amathathu.

“Kunzima khona kodwa kuyilokhu okuyikho manje. Mayelana nendlu, sizamile ukuyigcina kodwa inani lokuyinakekela beliphezulu kakhulu, ngaleso sizathu kusiphoqile ukuthi siyidedele. Ngihlale nginabo njalo, bengilokhu ngibasiza futhi ngizoqhubeka nokubasiza”, kusho uNova.

Kuthe ngo-2022 uZahara wodumo lwengoma ethi Loliwe waba sematheni ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi indlu yakhe ese-Roodeport ingase idliwe emuva kokuba ehlulwe ukukhokha imali engu-R17 665.00 yanyanga zonke ebhange lase-Nedbank. Leli bhange belimnike imali-mboleko engu-R1.9 million. Esehluleka ukukhokha imali yanyangazonke ibhange libe selifaka indlu endalini ukuze ithengwe kubuye imali yalo.

Ngesikhathi selusekwabezindaba lolu daba abalandeli bakaZahara basungule isikhwama sokukoleka imali ukuze kukhokhelwe isikweletu.

Nokho lemali eyayikolekwa ayihlangananga, indlu ibe isidayiswa ngoMfumfu kodwa umnikazi wayo omusha unike uZahara ithuba lokuthi aqedele ukuyikhokhela lendlu ukuze ibuyele ngakuyena kodwa washona engakakwenzi lokho.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.