UDlala Thukzin Uyondizisa Ifulegi Lakuleli EMelika Ngomculo
Umbhali, umdidiyeli no-DJ osezakhele igama eNingizimu Afrika uDlala Thukzin uthole ithuba eliyingqayizivele lokuyonandisa eMelika. Lo-DJ uthola leli thuba nje usanda kuba sohambeni lwamasonto amathathu obeluse-United Kingdom (UK) ngenyanga edlule. Ngesikhathi ese-UK uqophe ingoma eyodwa esitebeleni sokuqopha sakhona i-Defected Records.
UThukzin wodumo lwengoma ethi iPlan uzoqala ukunandisa kuleliyazwe ngomhlaka-23 Nhlangulana eShisanyama US e-Linden, New Jersey, ngomhlaka-28 Nhlangulana uzobe ese-Afrohouse Sunsets e-Houston, Texas bese ngomhlaka-30 Nhlangulana abese Afro Sunday Brunch eDallas.

Isithombe: Umfanekiso onemininingwane ngohambo lukaDlala Thukzin lwase-US
Ekhuluma ne-TimesLive uThukzin uthe ujabule kakhulu ngalolu hambo lwakhe lwase-US. “Umculo ungihambisa ezindaweni engingakaze ngicabange ukuthi ngiyozihamba. Kulonyaka ngike ngaya e-Ireland, kanti ngenyanga nje edlule bengise-UK, manje sengibheke eMelika. Konke kuwumphumela wokuzimisela emsebenzini engiwenzayo”, kusho yena.
“Buhle ubudlelwane phakathi kwe-Defected Records ne Dlala Records. Lobu ubudlelwano bokusebenzisana esizama ukubuhlanganisa ukuze sakhe umculo negama ndawonye.
“Sihlanganile ngesikhathi ngise-UK, kuzozwakala maduze ukuthi kukhona yini ebesikuhlanganisa. Asilinde nje”, kusho uThukzin.
UThukzin oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27) ungu-DJ odabuka elokishini laseThekwini, i-Lamontville esifundazweni sakwaZulu-Natali. Amagama akhe angempela unguThuthukani Wandile Zindlovu. Umculo awenzayo i-amapiano, gqomtech kanye ne-electronic house.
Ugqame emculweni ngesikhathi ekhipha i-EP yakhe yokuqala ethi-Permanent Music eyayinabaculi abafana no-DJ Tira, Joocy no-GoldMax we-Distraction Boyz.
Ngo-2021 ujoyine isitebele sokuqopha sakuleli i-Def Jam Recording, ebesinabaculi abanjengo Lucasraps no-Stogie.