IzindabaUmculo

“U-DJ Cleo Umfowethu, Ngisengasebenza Naye” – DJ Sbu

Umsakazi we-Radio 2000 ophonde abe u-DJ, uSbusiso ‘DJ Sbu’ Leope uthi akukho okungavimba ukuthi aphinde aqophe ingoma no-DJ Cleo njengoba bake bakwenza lokhu ngaphambilini. Laba bobabili baqale ukusebenzisana ngeminyaka yama-2000’s kusadume umculi owayemboza ubuso uMzekezeke.

Ngayo leyo minyaka kwaqhamuka abaculi abafana no-Brown Dash, abangena emculweni badweba umugqa ongacisheki namanje.

U-DJ Cleo ubonakale edlala emcimbini ka-DJ Sbu obuse-Emperors Palace eGoli ngoMgqibelo, lapho [u-DJ Sbu] ebethula khona i-podcast yakhe ayibiza nge-DJ Sbu’s SA. U-DJ Sbu wonke umuntu obesemcimbini wakhe kunendima ebalulekile abezoyidlala ekuthuthukiseni indima kaqedisizungu.

“Lo mcimbi ubuwubufakazi bokuthi baningi abantu asebekholelwa kuma-podcast. Njengomuntu owumsakazi futhi oyi-podcaster ngibone kunesidingo sokuthi ngihlele lomcimbi ukuze ngifundise futhi ngigqugquzele intsha ukuthi nayo ingakwenza lokhu”, kusho u-DJ Sbu.

U-DJ Sbu wodumo lqwengoma ethi Remember When It Rained umemezele ukuthi ubuyela emculweni futhi akukho okungamvimba ukuthi asebenze no-DJ Cleo.

‘U-DJ Cleo umfowethu,senze umculi omnandi kabi ndawonye. Angeke ngithi ngeke sisebenzisane futhi njengoba sake sakwenza phambilini. Abantu abaningi bangibuza ukuthi ngiwenza nini umculo futhi? Engingakusho ukuthi u-DJ Cleo unekhono elimangalisayi, ngingakujabulela kakhulu ukusebenza naye”, kuphetha u-DJ Sbu.

Bobabili u-DJ Sbu no-DJ Cleo basakaza izinhlelo zaphakathi nesonto emsakazweni ongaphansi kwe-SABC, i-Radio 2000.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.