EzosaziwayoIzindaba

Owayeqome U-Lorch Ucela Bemxege Abamumatanisa NoMncube Owaduma KuZalo

Umlingisi odumile uNatasha Thahane uthi ucela behlukane naye phansi abantu abalokhu bemumatanisa nokujola no-Wiseman Mncube obelingisa kuZalo. UNatasha ukhuluma kanjena nje sekusabalele imibiko yokuthi ujola noMncube oselingisa emdlalweni oboniswa ku-Mzansi Magic othi My Brothers Keeper.

UThahane olingisa emdlalweni i-Blood and Water oboniswa kwi-Netflex uke wathandana nomdlali webhola odumile oke wayibamba ku-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch abanengane naye.

Ubhale ekhasini lakhe le-Instagram kubonakala ukuthi ziyamnenga lezi nsolo ezisabalele ngaye.

NgoNhlalanja uThahane ukhiphe isitatimende ememezela ukuthi uhlukene no-Lorch futhi usebheke ukuqala impilo entsha. Kulesitatimende wabhala wathi: “UThembinkosi Lorch nami sesivemelene ukuthi sihlukane kahle”.

“Noma bezikhona izinkinga ebudlelwaneni bethu kodwa sizoqhubeka nokuba abangani futhi sinakekele umntwana wethu ndawonye. Ngibheke ukuqala isigaba esisha sempilo yami”, kusho yena.

UMncube asolwa naye manje ungomunye wabalingisi nabaqondisi bamafilimi abahamba phambili kuleli. Useke wabonakala emidlalweni efana ne-Gold Diggers, EHostela, Uzalo, neShaka Ilembe.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.