ABANTUIzindaba

Bazibiza Ngo ‘Dalimede’ Abelaphi Bendabuko Abagila Izimanga

[ISIKHANGISO]: Kuzwakele, kuningi okuzayo kwiqembu lezinsizwa ezilaphayo futhi ezithandazayo esezizakhele igama eThekwini naseMgungundlovu elifike noku hlukile kulendima yokulapha ngesintu nangokuthandaza. Amagama azo oThulasizwe ‘Tasi’ Mthembu no S’phamandla ‘Duyaza’ Manqele (buka isithombe esiphakathi nendawo)

Lezi nsizwa ngokudabuka ezaseMandeni kodwa ngokomsebenzi ziseMgungundlovu. Zizakhele udumo kolunye uhlelo lwesintu kwi-Vibe FM olusakazwa uNtoks Shimora oludlala njalo ngoLwesthathu.

Lezi nsizwa ezibizwa ngoDalimede ziveze ukuthi konke ezikwenzayo ziqala zibeke unkulunkulu phambili.

Enye yazo lezinsizwa ithe noma kubenzima ukuthi ithathe ikhefu noma ime kancane esibhakeleni nasendimeni yezomculo ngenxa yokuthi isikhathi esiningi kakhulu besidliwa ilo msebenzi wesintu ngoba bebemenywa ezinkonzweni ezahlukakuhlene zase-Zion.

ODalimede ngesikhathi bebuzwa emsakazweni ukuthi bakhonza kuliphi ibandla, badalule ukuthi bakhulele kwaMhlabuhlangane ngenkathi besazinze eMpangeni naseSikhawini, kwathi sebeseMandeni bahlangana nezinye izinsizwa ezigwabayo ezaziholwa omunye wabadwebi oke abadwebele owaziwa ngo Scelo Ngcobo odume ngelikaNomlando Mtilazwe.

Kumanje sebebambe kwi-Congregational Zion Church ngaphansi koMholi Mfu. Vilane.

Lezi nsizwa zithi ziya fisa ukuth zike zihambele izikole zangakubo zibuyisele emphakathini.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.