Vuka Uzithathe Muntu Omusha!
Kulenyanga sibungaza abantu abasha njengoba sonke sazi ukuthi lena yinyanga yabantu abasha eNingizimu Afrika. Kusuke kufanele sikhumbule futhi sihloniphe igalelo neqhaza elabanjwa yintsha ekulweleni inkululeko ngonyaka ka-1976. Mhla zingu-16 Nhlangulana kwaba wusuku okwaqopheka ngalo umlando obuhlungu owahambisana nokuchitheka kwegazi labantu abasha. Ukulwela inkululeko nokungalingani kwakungenye yezinto ezaziseqhulwini. Engikuqaphelayo ukuthi babelwela kakhulu ukuvikela isithunzi sokuba ngowoHlanga nokuvikela ulimi lwebele. Kwabe kungubuqhawe lobo.
Incindezelo, ubandlululo nokubukeleka phansi uncishwe amathuba kwakuyisinkwa semihla ngemihla.
Kwakufanele kube khona osukumayo athi “Sekwanele!”. Nebala intsha yangaleso sikhathi yasukuma yabhekana nenselelo yabhekana nabacindezeli. Akufanele nje kube ukujabulela amaholide nemibungazo bese sikhohlwa yinhloso yokubungazwa kule nyanga. Kuningi esingakufunda entsheni yesikhathi esiphambili bese sikusebenzisa. Ubuholi, ubuqhawe, isibindi, ukumela inhloso nokumele kwenzeke ngalesosikhathi.
Ngiyazi ziningi izinselelo ezibhekene nentsha yanamuhla. Ukweswela imisebenzi, ububha, ukushoda kwamakhono, ukweswela imali yokufunda nokunye okuningi. Ezinye zalezizinto zigcina zandise ubugebengu kanye nokusetshenziswa kwezidakamiza.
Ngiyafisa ukuthi uma senza imigubho yenyanga yentsha kube khona okusha esikuvezayo okuzozuzisa intsha.
Kuwe muntu omusha ngithi vuka uzithathe ungalindeli ukukhangezwa ngasosonke isikhathi. Ulwazi luyawukhulula kakhulu umqondo. Lulangazelele ulwazi. Vakashela umtapo wolwazi, funda izincwadi namaphephandaba. Langazelela ukwazi ukuthi kwenzakalani emhlabeni. Zama ukuzithuthukisa ngokuthi kube khona okufundayo unyaka nonyaka. Kunezifundo zamahhala ongazithola ezinkundleni zokuxhumana uthole ngisho nezicucu zakhona. Zibandakanye ezintweni ezithuthukisayo. Ungahlali ungenzi lutho ngoba ayikho inkomo yobuthongo. Ungakhethi imisebenzi uma isimo singavumi. Yemukela noma yimuphi umsebenzi uma nje ungenabungozi futhi usemthethweni, bese uwenza isitebhisi sokuthi udlulele komunye. Zikhathaze ngoshinsto ofisa ukulubona empilweni yakho. Akuthi noma ubalisa kodwa ube uzama nawe uyaphambili. Impilo ingeyakho.
Zithande, zivikele uzithuthukise.
Boni Mahlinza
Entrepreneur, Author & Motivational Speaker