EZOMPHAKATHIIzindaba

ISakha Isizwe FM Igubhe Usuku Lwentsha Ngokuthungatha Amakhono ELovu

Isiteshi somphakathi esinezindlu zomsakazo eLovu, iSakha Isizwe FM sigubhe usuku lwentsha ngomhlaka-16 Nhlangulana ukuthungatha amakhono entsha yaseLovu ngaphansi kukamasipala waseThekwini. Lesiteshi besinomncintiswano obizwa ngeSakha Isizwe FM Talent Search ehholo lomphakathi i-Lovu Community Hall esigcemeni sakwa-B.

Umsunguli walesiteshi uNkk. Thandeka Khathi utshele UMKHAYA ukuthi inhloso yalo mncintiswano bekuwukuzama ukuveza amathalente abantu abasha emphakathini. “Inhloso yethu enkulu bekuwukuzama ukuveza amakhono abantu abasha emphakathini esisakazela kuwona. Besingenabo abaxhasi ngakho konke obekuyizindleko njengokuqasha ihholo, imiklomelo nokunye bekuphuma emaphaketheni ethu njengomsakazo, kakhulu kimi njengomsunguli wesiteshi”, kusho uNkk. Khathi.

Uthe konke ebebekwenza bekusuka othandweni futhi basebenzise abasakazi babo njengabaphathi bohlelo.

Abanqobile kulo mncintiswano bazoba ingxenye yomncimbi ohlelwa uStimela weSarafina ozoba se-Playhouse khona eThekwini ngomhlaka-12 Ntulikazi nonyaka.

Yize izinga labo bonke abebencintisana beliphezulu kodwa Umthente Black Boiz uphume phambili, wabamba indawo yokuqala. Leli qembu lihambe nemali engu-R1000. Kunombolo 2 kungene i-The Vibe Jammers, kwase kuthi indawo yesithathu (3) yatholwa iBana Ba Stayela.

Unombolo 4 no 5 uthathwe iqembu Uju Lwezintombi nobehamba yedwa uThalente Linda ngokulandelana.

ISakha Isizwe FM umsakazp otholakala ku-internet kuu-https://zeno.fm/radio/sakha-isizwe/. Umsunguli walo msakazo utshele UMKHAYA ukuthi izinhlelo zabo ziqala ngehora lesikhombisa ekuseni kuya kwelesithupha ntambama ngenxa yezizathu zokuphepha kwabasakazi.

UMKHAYA uke wabhala ngomunye wabasakazi balesiteshi uBhekumuzi ‘Mahembe Indlondlo Yabasakazi’ Mncwabe ongena njalo ngoLwesihlanu phakathi kwehora eshumi nambili (12:00) nelesithathu ntamba (15:00) olubizwa nge-Friday Cruiser Nathi.

Izithombe: Kwesokuqala (1) kuvela abasakazi besiteshi iSakha Isizwe FM, esesibili (2) umsunguli waso uNkk. Thandeka Khathi, esesithathu (3) izethameli ezazihambele umncintiswano, esesine (4) umphathi wezinhlelo esiteshini uNks. Monica Khathi bese esesihlanu (5) kube ngamajaji ebheke ngeso elibanzi umsebenzi wokuthungatha amakhono.

Uma sibuyela kulo mcimbi wokuthungatha ithalente, amajaji awo bekungoSbongile Mthethwa owumlingisi weSibongile and the Dlamini’s, uThembelihle Shezi oyimbongi kanti uphinde abe usomabhizinisi bese kuba u-Vincent ‘Stimela’ Ngobese we-Sarafina.

UNkk. Khathi udlulise ukubonga kakhulu kulabo abenze imisebenzi ehlukene kulo mncintiswano ngaphandle kokufuna inkokhelo. Ubonge izinkampani ezimbili, ebithwebula izithombe, iKuhle Kwethu Events & Media nenikele nge-sound system, iMadlala Funeral Services.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.