Enye Futhi Inkonzo Yokukhulekela UZanele Mbokazi
Abaculi bomculo wokholo kanye nabasebenza ngawo KwaZulu-Natali bahlangane, bahlela ukhukhulela ngoqo wenkonzo yomkhuleko wokunxusela umsakazi woKhozi FM, uZanele Mbokazi ukuba elulame. Kulokhu lo mkhuleko uzoba sezindlini zebandla i-GNF eThekwini ngase-Durban Station ngomhlaka-23 Nhlangulana.
Kuzokhumbuleka ukuthi kunenkonzo esanda kuba seGoli e-Sandton Assemblies of God ngomhlaka-7 Nhlangulana yokukhulekela yena uZanele.
Kule nkonzo ezoba KwaZulu-Natali kuboshelwe inqwaba yabaculi bowokholo asebemnkantshubomvu nabasafufusa. Phakathi kwabaculi abazobe benandisa kukhona oBabo Ngcobo, Lungelo Hlongwane, Sgwili, Ga Ndlela, Ayanda Ntanzi, Dumi Mkokstad, Sphumelele Mbambo, Jumbo, Nathi Sithole,Mphume Hlabisa, Thobekile, Malusi Mbokazi, Ntokozo Ngongoma nabanye abaningi.
UZanele ukhulekelwa nje ngoNdasa uke wangeniswa esibhedlela kukubi emuva kokuba ephelelwe umoya kanye nezwi esezindlini zomsakazo Ukhozi FM. Lokhu kugula kuthiwa kwamqala engekho emsakazweni, kwangathi kuyaphela. Kwaba ukubuyela kwaqala phansi.
Umyeni wakhe uZanele, uMfu Mpendulo Nkambule ulokhu eyinsika azimelele ngayo lo msakazi woKhozi FM owenza uhlelo olungena ngeSonto phakathi kwehora lesi-9 ekuseni nelesi-12 emini. Selokhu eqalwe ukugula uMfu Nkambule uhlale eseduze kwakhe uZanele futhi uyena ode ekhuluma nabezindaba ngesimo sakhe.
Enkonzweni eyayiseGoli uZanele owayegqoke ingubo enombala okuhlaza satshani nomnyama, efake nama-gloves emboze nobuso nge-mask wayehlezi eduze komnyeni wakhe. Ngesikhathi kuqhubeka inkonzo wayelokhu encike kuyena. UMfu Nkambule ungomunye wabantu ababekuleya nkonzo abethula inkulumo yokugqugquzela nokunika umkakhe ithemba.
Watshela abezindaba ukuthi njengoba egula uZanele babone kukuhle ukuthi bengafihli ukuthi kwenzakalani kuZanele ukuze abantu bengakhulumi into abayicabangayo.
“Sinqume ukuthi sibazise abantu ukuthi kuqhubekani ngesimo sikaZanele ngoba siyazi bayamthanda futhi bayathanda ukwazi ukuthi kuqhubekani ngempilo yakhe”, kusho uMfu Nkambule.