Usehlukene Notshwala UZola 7
Umculi we-rap esike sabika ngaye ukuthi usezinhlelweni zokubuyela emculweni nasekuthuleni izinhlelo zikamabonakude, uBonginkosi ‘uZola 7’ Dlamini useyekile ukuphuza utshwala. Lokhu kuvezwe umthombo osondelene naye lomculi.
Lo mthombo uthe uZola 7 uyeke utshwala ngenxa yezizathu zempilo nokuthi akafuni kube khona okuzomphazamisa empilweni.
“Ubephuza kakhulu, bekungekuhle nhlobo. Kuhle nje ngoba useyekile. Ubephuza njengenhlanzi futhi kumkhubaza empilweni’, kusho lo mthombo.
UZola 7 akakaze akufihle ukuthi uhlushwa isifo sokuwa.
Omunye umthombo uthe lokhu enye ezinto ezimenze wayeka utshwala. “Isifo esimphethe siyingozi kakhulu futhi naso sibe imbangela yokuthi anqume ukuyeka utshwala. Muva nje uke wathi ukuxineka, ngakho ubonile ukuthi utshwala kuzophazamisa impilo yakhe ngokuhamba kwesikhathi”, kusho lo mthombo.
Emasontweni edlule UMKHAYA uke wabika ukuthi uZola 7 uthelelene amanzi no-Lance Stehr ongumnikazi wesitebele abeqopha kusona i-Ghetto Ruff. Umthombo uthe uzimisele ngalesi nqumo asithathe kamuva. “Uzimisele impela ukubuyela kulolu dumo ayekulo eminyakeni edlule ngakho ukuphuza kakhulu utshwala kuzomphazamisa kulezo nhlelo. Ngendlela azimisele ngayo, uze wathatha isinqumo sokukhumelana umlotha nobengumnikazi wesitebele abeqopha kusona, u-Lance Stehr we-Ghetto Ruff’, kusho umthombo.
Kuthiwa selokhu ethathe isinqumo sokuyeka utshwala uZola 7 impilo yakhe ihamba kahle. “Nesimo sakhe somzimba sesikahle njengoba ubesehlile nje. Usebukeka ekahle manje njengoba ubeke ehluleke nawukuzihambela kwezinye izikhathi. Manje usewumqemane futhi kunabantu abahlezi beseduze kwakhe ngenhloso yokumeseka”, kuphetha umthombo.