Izindaba

Igidangoma LikaMthandeni ‘Lichizela’ Umcimbi Wengoma

Omunye wezinsizwa ezisina eqenjini lengoma likaMthandeni Manqele, uMshovo Gazu usezwakalise ngeke abe ingxenye yomcimbi weNgoma kaZwelonke ozoba ngoMgqibelo mhlaka-22 Nhlangulana e-People’s Park eThekwini. UMshovo uyingxenye yeqembu lengoma elihlanganiswe ngoLwesibili mhlaka-12 Nhlangulana, Ifolo Lomaskandi.

Ifolo Lomaskandi lizobe liyibhikla kulo mcimbi ongoMgqibelo eThekwini ongowokunandisa nokubukisa ngekhono le ngoma.

UMshovo ugxeke abahleli balo mcimbi ngokufaka isithombe sakhe esikhangisweni sawo ngaphandle kokuxhumana naye. “Ngifuna ukuthatha leli thuba ngibonge kubahleli beNgoma kaZwelonke ukuthi bangihloniphe ngokungifaka kuleli qembu nokuthi besebenzise isithombe sami ekukhangiseni umcimbi ukuze behehe izinkumbi zabantu kulomcimbi.

Ngeke ngibe ingxenye yalo mcimbi ngoba ngosuku ozobe ungalo mina ngizobe nginandisa Eswatini nenkosi yami, Igcokama Elisha. Abongizama ngonyaka ozayo”, kusho uMshovo.

Ziningi izigigaba esezike zenzeka kulo mcimbi selokhu waqalwa. Kuthe ngo-2021, uMthandeni namagidangoma akhe bengamenywanga kuwona bavele bathelekela bengasadle nkobe zamuntu, behamba ngendiza enophephela emhlane, bafike baphazamisa umcimbi.

Nango-2022 umengameli wamabhinca uNgizwe Mchunu wathola ulabhabha wempama kobenguNdunankulu ngaleso sikhathi uSihle Zikalala. UNgizwe uvule icala waphinde walisula.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.