Izindaba

Abe Konka Babonge Abathandi Bobumnandi Beyivala

Abanikazi bendawo yokudlela nokuzijuxuza eseSoweto, iKonka babonge abantu abahambela lendawo ngenhloso yokuzijabulisa emcimbini wokuvala osanda kwenziwa kuyona leya ndawo. AbeKonka bamemezele phambi kwezinkumbi zabantu abebezozijuxuza okokugcina ukuthi indawo yabo isithuthela kwamanye amabhilidi abasazowamemezela.

Le ndawo esezingeni eliphezulu ihanjelwa ngosaziwayo nangabantu abaphezulu kuyo yonke imikhakha yempilo.

Umcimbi wokuvala ubuhanjelwe abantu abaningi abebegqoke beconsa, bedansela umculo obusho phezulu wo-DJ Maphorisa, DBN Gogo, Dlala Thukzin, Kabaza De Small nabanye.

Kunesitatimende esisemthethweni esikhishwe abaphathi beKonka lapho bebonga khona abathandi bobumnandi abebevakashela le ndawo kusukela yasungulwa eminyakeni emithathu edlule.

“Kubangani kanye nomndeni wethu: Njengoba sesiyivala iKonka Soweto sifisa ukudlulisa ukubonga kini nonke. Noma ngabe ubufika njalo lapha noma ubufika ngalezo zikhathi, ukuba khona kwakho bekubalulekile kithina. Siyabonga ukuthi wenze iKonka Soweto kungabi indawo nje kodwa kube ibe ikhaya lokuqopha izinkumbulo kanye nokwakha ubungani. Ukuseseka kwakho bekusigqugquzela usuku nosuku, kuyasijabulisa ukuthi sizoqhubeka nokukunikeza injabulo eyengeziwe endaweni yethu entsha. Kuyona sizophinde siqophe izinkumbulo ezingeke zilibaleke nawe”. kusho isitatimende.

Abaphathi beKonka bake bamemezela ngoNhlolanja nonyaka ukuthi bahlela ukuthola indawo entsha.

‘Ngalesitatimende asivalelisi kodwa sikwazisa ngesiqalo sezinto ezikhethekile. Makuqala ihlobo iKonka izovula ikhaya layo elisha, kodwa siyonazisa.

“Sizoqhubeka nokuba yindawo esezingeni eliphezulu futhi esesitayeleni ngaphakathi nangaphandle. Abathandi bobumnandi bengasilandela ezinkundleni zokuxhumana ukuzwa ngezinhlelo zethu” kuphetha isitatimende.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.