Ubulale Ngokulengisa Ingane (2) Ngoba Exabene Nonina
Owesilisa wasesigodini saseXholora e-Stutterheim e-Eastern Cape usebulale ngokulengisa ingane yomfana eneminyaka emibili emuva kwengxabano abe nayo nonina ngoMsombuluko.
Kuthiwa lona wesilisa oneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu (35) uthathe le ngane ngesankahlu, kwangaziwa ukuthi uyisaphi okuthe ngokuhamba kwesikhathi yatholakala ishonile ehlathini eliseduze nasekhaya kubo.
Lona wesilisa elingadalulwanga igama lakhe aze avele enkantolo ube esebhekwa amaphoyisa, amthola masisha waboshwa. Uzovela enkantolo i-Stutterheim Magistrate Court ngoLwesibili lapho okulindeleke ukuthi umphakathi ugcwale ngaphandle, ubhikishele ukuthi anganikwa i-bail.
Okhulumela umndeni wengane uBabalwa Goroleki uthe lesigameko sibashiye bebuhlungu kakhulu. “Silahlekelwe kakhulu lana. Ngisho ebusuku akulaleki. Kufanele senze amalungiselelo omngcwabo kodwa asinalutho njengomndeni, kunzima kakhulu. Kufanele lombulali angayitholi i-bail“, kusho uGoroleki.