EzosaziwayoIzindaba

OwoZalo Ujabulise Okwengane Eqokwa Kowezindondo

Umlingisi woZalo u-Dawn Thandeka King ujabulise okwengane eqokelwa emncintiswaneni wezindondo i-Simon Mabhunu Sabela KZN Film and TV Awards emncimbini wokumenyezelwa kwabaqokiwe ngoLwesine olwedlule e-Coastlands Hotel eMhlanga, eThekwini. U-Dawn uqokelwe emkhakheni we-Best Supporting Actress.

U-Dawn uqokwe kulomkhakha nabanye abalingisi o-Hope Mbhele noSlindile Nodangala.

“Kimina ukuqokwa nje kukodwa kusho lukhulu, kusho ukuthi ngenza umsebenzi kwezobuciko. Ngiyakujabulela kakhulu ukuqokwa. Wonke umuntu oqokiwe kumfanele ukuhamba nendondo”, kusho u-Dawn.

Inhloso yalomncintiswano wezindondo ukugqamisa nokuhlonipha umsebenzi omuhle owenziwa amaciko nabobonke abantu abemkhakheni wezikamabonakude namafilimi Kwazulu-Natali, kuhlanganisa abalingisi, abadidiyeli, abaqondisi, nabanye abasebenza ngobuchwephese.

Lokhu kwenzelwa ukukhuthaza ikhono kanye nokuzimisela kukho konke abakwenzayo.

Kulonyaka kwethulwe umkhakha omusha ozokwengamelwa i-KZN Tourism and Film Industry. Umkhakha lona uzogxila kakhulu ezinhlelweni zikamabonakude ezenzeka ngempela okubizwa nge-Reality TV. Umphakathi uzonikwa ithuba lokuphakamisa abantu okholwa ukuthi bafanele ukuhlonishwa kulomkhakha. Imininingwane eminingi mayelana nokuqoka kanye nokuvota itholakala emakhasini ezinkundla zokuxhumana ze-KZN Tourism and Film Authority kanye neSimon Mabhunu Sabela KZN Film and TV Awards. Ukungenela kulo mkhakha kuvala mhlaka-28 Nhlangulana.

Umcimbi omkhulu wezindondo uzoba mhlaka-20 Ntulikazi endaweni esazomenyezelwa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.