Odadewabo BakaZahara Badayisa Yonke Impahla Esendlini Yakhe
Odadewabo bomculi we-afropop ongasekho, uBulelwa ‘Zahara’ Mkutumana okubikwe kakhulu ngabo esagula, bethenga ubuthaphuthaphu izingubo zokugqoka ngamakhadi ekhe asebhange, manje sebefake yonke impahla esendlini yakhe endalini, kuhlanganissa nezindondo. Kuthiwa laba badayisa zonke izindondo ezinqotshwe ilo mculi oshone mhlaka-11 Zibandlela ngonyaka odlule emuva kokulala esibhedlela esiseGoli amasonto amabili exinwe ukugula.
Kuke kwavela ukuthi emuva komngcwabo kaZahara labo dadewabo bangenele izingubo zakhe bazigqoka yize umcimbi wokuzigeza ubungakenziwa.
Umthombo owakhuluma neziko elibhala izindaba zikaqedisizungu iZimoja waveza ukuthi omunye udadewabo kaZahara uBandezwa Mkutukana-Febana useke wabonaka egqoke ingubo uZahara ayeyigqoke enandisa okokugcina ngaphambi kokuthi ashone. “Ayenziwa lento izingubo zomuntu ziyagezwa”, kusho umthombo.
Ngesikhathu kubuzwa uBandezwa ngesenzo sakhe waphendula wathi bebezilinganisa izingubo. “Kanti yini embi ngalokho? Vele akasekho nje”, kusho uBandezwa.
Muva nje kuthiwa laba sebedayisa izindondo kanye nempahla yasendlini kaZahara. Kuphinde kwavela ukuthi indlu yakhe ese-Roodeport isanda kudliwa ibhange ngoba washona engakaqedi ukuyikhokhela. Kuthiwa odadewabo bafaka izimpahla zasendlini zalo mculi emakhasini abo ezinkundla zokuxhumana kanye namanani abazithengisa ngawo.
Ngokusho kwabebe ngabangani bakaZahara laba badayisa kwasani okusendlini. Izinto ezibonakale zisendalini osofa, amatafula, ama-frigde, impahla yonke yase-bar, umabonakude nenqwaba yezinye izimpahla.
“Cishe badayisa yonke nje into esendlini ngaphandle kokuxhumana nabantu abadala basekhaya. Lezi mpahla zibiza kakhulu ukuthi zingadayiswa ngale mali abazidayisa ngayo bona. Abanendaba nje nezinto ezingamagugu alomculi”, kusho omunye wabangani.
Kuthiwa isiginci sikaZahara basipha umculi obesondelene kakhulu naye esaphila uVusi Nova.